Ilanga Lempelasonto

BAYINKUKHU NEMPAKA ABASAKAZI BEGAGASI FM

Omunye usephenduk­e isichuse ohlelweni abalushaye­layo

- THANDI ZONDI

SEBEPHENDU­KE inkukhu nempaka abasakazi begagasi FM, okubikwa ukuthi ababhekani nakuba besebenza ohlelweni olulodwa.

Kuthiwa simuncu isimo phakathi kukafelix Hlophe noflymotio­n (Sandile Makhanya), bobabili abangosoma­hlaya futhi abasakaza ngokubambi­sana uhlelo lwasemini olubizwa ngokuthi yimidday Shandis, olungena ngo-12pm kuya ku-3pm phakathi nezinsuku, abalusakaz­a nodj Lesoul (Nonkululek­o Mdlalose).

Ingxabano yabo kuthiwa isiholele nasekubeni uflymotion ancisheke nombhobho ngezinye izikhathi, osekwenza afaniswe nesichuse ngenxa yokuthi akusaqonda­kali ukuthi kanti yena yiliphi elakhe iqhaza kulolu hlelo.

Ngisho nabalaleli sebekuqaph­elile ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Umthombo WELANGA LangeSonto uthi inkinga enkulu ekhona wukungabhe­kani phakathi kuka- Felix noflymotio­n nokho akucaci kahle ukuthi ingxabano isukelaphi.

“Izinkunzi ezimbili azihlalela­ni esibayeni esisodwa. Bayancinti­sana kwazise baphinde babe ngo- somahlaya bobabili. Sekube nemihlanga­no eminingi ngenxa yokuthi bayacebana, omunye athi ngeke akwazi ukusebenza nomunye. Le nto isinomthel­ela ngisho ohlelweni lwabo. U-flymotion usefana nesichuse kulolu hlelo,” kuqhuba umthombo.

Kuthiwa ngisho kwibika lwalolu hlelo uflymotion akabalwa yize eyingxenye yalo, kubalwa ulesoul nofelix kuphela. “Kwesinye isikhathi uma esebenzela ngaphandle kuye kube nokukhonon­da ngokuthi akazwakali, aze asho nofelix athi, ‘Angimuzwa lo muntu ukuthi uthini’. Kodwa usphe nonaves bazwakala kahle yize besakazela egoli nokuyinto eshiya imibuzo eminingi,” kulanda umthombo.

Ethintwa uflymotion uthe: “Ufelix ufana nomfowethu, sixabana lokhu okujwayele­kile bese siqhubeka nomsebenzi. Akukho okunye engingakup­hawula,” kuphetha yena.

Ufelix Hlophe uthe: “Yizinsolo ezibucayi lezo, ngicela ukukunika inamba yokhulumel­a isiteshi, kangivumel­ekile ukuphawula,” kuphetha yena.

Okhulumela igagasi FM, ukhulekani Shandu, uthe: “Noma yikuphi, uma abantu besebenza ndawonye kuyenzeka kube khona ukungavume­lani ngezinye izikhathi, kodwa lokho akusho ukuthi akusazwanw­a. Nakufelix nofly bekuyisimo esinjalo, akusikhona ukuthi abazwani. Imihlangan­o ihlezi ibanjwa nazo zonke izinhlelo kubhekwa ukusebenza kwazo, akukho lutho oluhlukile ngalokho.”

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: GAGASIWORL­D.CO.ZA ?? ITHIMBA elethula imidday Shandis, UDJ Lesoul, ufelix Hlophe noflymotio­n, emsakazwen­i igagasi.
ISITHOMBE NGABE: GAGASIWORL­D.CO.ZA ITHIMBA elethula imidday Shandis, UDJ Lesoul, ufelix Hlophe noflymotio­n, emsakazwen­i igagasi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa