Ilanga Lempelasonto

Ulahlwe yicala lokukopela uconnie

Kumele asuse izithombe zomkhiqizo okotsheliw­e

- THANDI ZONDI

UTHELEKE ngehlazo umlingisi onohlonze futhi obuye abe ngusomabhi­zinisi, ojoyine uhide losaziwayo abasohlwin­i lwabagxekw­a ngokukopel­a eningizimu Afrika.

Inkampani kaconnie Ferguson, owaduma kakhulu emdlalweni kamabonaku­de igeneratio­ns engukarabo Moroka, ikoni Multinatio­nal Brands (PTY) Limited, ilahlwe yicala lokukopela enkantolo ephakeme yasegoli.

Le nkampani ibimangale­lwe ngeyaseger­many, ibeiersdor­f eyenza imikhiqizo yobuhle. Phakathi kwemikhiqi­zo yale nkampani kubalwa i-elastoplas­t, Eucerin, Labello nenivea. Umkhiqizo inivea yiwona obuyindaba kuleli cala.

Lezi zinkampani, ekaconnie nebeiersdo­rf, zinomkhiqi­zo wabesilisa wokugeza ( shower gel for men)

ezincintis­ana ngawo, okuyiwona osuse umsindo. I-beiersdorf isole inkampani kaconnie ngokwenza ingaphandl­e lomkhiqizo, iconnie Body Care Men Active Shower Gel, ubukeke njengoweni­vea. Ikhale ngokuthi lokhu kuzodala ukudideka kubathengi.

Emaphephen­i asenkantol­o, le nkampani ibale izinto ezithile ekhala ngokuthi zenza umkhiqizo wenkampani kaconnie ufane nowayo noma uyamaniswe nowayo - phakathi kwalezo zinto ibale nemibala e- blue, deep blue no- silver.

Ngesikhath­i limemezela isinqumo, ijaji udenise Fisher lithe ukwakheka (komkhiqizo kaconnie) okususelwe emkhiqizwe­ni wenkampani efake isimangalo, ngokuhamba kwesikhath­i kudala ukukhohlis­a. Lithole ukuthi kube yinto eyenziwe ngenhloso yokuthi le shower gel

kaconnie ibukeke sengathi ngeyenivea. Libe selivimbel­a inkampani kaconnie ukuba ingancinti­sani ngendlela engekho emthethwen­i ngokwenza imikhiqizo yayo ifane neyenivea.

Liphinde lanquma ukuba ummangalel­wa (uconnie) asuse konke okubukeka kufana nemikhiqiz­o yommangali, ezikhangis­weni ezisakazwe kuma- website, ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kanye nakwezinye izindawo ezenganyel­we ngummangal­elwa.

Ummangalel­wa uyalelwe ukuba akhokhele izindleko zecala.

Kakuqali ngoconnie Ferguson ukusolwa ngokukopel­a emkhiqizwe­ni owaziwayo, yize abanye osaziwayo bengakaze bangene ezinkantol­o ngalokhu.

Phakathi kwabo singabala ucassper necartoon Network ngesikhath­i esaqala ukungena emculweni eminyakeni eyisikhomb­isa eyedlule. Ubenezimpa­hla ezinombhal­o othi awucishe ufane nowecartoo­n Network.

Unhlanhla Nciza wethusa abaningi ngesikhath­i eya kumametro FM Music Awards egqoke umswenko othi kawufane nowakwa-armani.

U-gavin Rajah, ongumsiki wengqephu, waba sematheni ngesikhath­i ekhangisa kwimercede­s Benz Fashion Week ngengubo efana nse neyomsiki wengqephu, uhan Chong, ayeyenzele ilebuli yakwaself Portrait.

 ??  ??
 ??  ?? UPHOXEKILE umlingisi ophinde abe ngusomabhi­zinisi, uconnie Ferguson, elahlwa yicala lokuba nomkhiqizo owenziwe njengenive­a.
UPHOXEKILE umlingisi ophinde abe ngusomabhi­zinisi, uconnie Ferguson, elahlwa yicala lokuba nomkhiqizo owenziwe njengenive­a.
 ??  ?? YIYO le mikhiqizo obekudonsi­swana ngayo enkantolo.
YIYO le mikhiqizo obekudonsi­swana ngayo enkantolo.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa