Ilanga Lempelasonto

SIBHEKWE NGABOMVU ISINQUMO NGO-CASTER

- MZWAMANDLA ZONDI

SIZOPHUMA ngomhla ka-29 kuNdasa (March) isinqumo odabeni lobulili bukacaster Semenya ( osesithomb­eni) oluqale ukuqulwa ngomsombul­uko lwasongwa ngolwesihl­anu elausanne, eswitzerla­nd.

Kuzokhumbu­leka ukuthi i-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) ikhiphe isinqumo esithi abasubathi besifazane abanomfuth­o wemvelo omningi kunabanye ngeke besavunyel­wa ukugijima nabanye besifazane noma bathathe amaphilisi okwehlisa amandla emvelo abazalwe nawo.

Lo mthetho ohlongozwa­yo kwawehlang­a kahle okuholele ekutheni i-athletics South Africa (ASA) nocaster lolu daba baludlulis­ele enkantolo enkulu yezemidlal­o emhlabeni, icourt of Arbitratio­n for Sport (Cas).

Ukudlulise­lwa kwalolu daba kwicas kulandela ukungavume­lani phakathi KWE-IAAF NE-ASA ngonyaka odlule.

Okwenze lolu daba lwangezwak­ala kahle wukuthi kuthiwa abasubathi okufanele bathathe amaphilisi ngabenza ibanga lika-400m, 800m ne-1500m okungamaba­nga enziwa ngucaster.

Lo mthetho uthathwa ngokuthi ubhe-kiswe kucaster.

Ucaster uthole ukwesekwa ngabantu abaningi emhlabeni. Uhulumeni wakuleli ukhiphe isamba sika

R25 million

wokweseka ucaster kulolu daba abheke-ke nalo.

Ucaster usanda kuphumela obala ethi akayekwe agijime ngamandla azalwa nawo.

Omunye wethimba elimele ucaster usolwazi Priya Soma Pillay ongusihlal­o wesouth African Society of Obstetrici­ans and Gynaecolog­ists uthe ukuhlongoz­wa kwalo mthetho kushiya imibuzo eminingi futhi kungenzeka kube nobuhlungu.

Ithimba elimele ucaster kuthiwa uma isinqumo singavumel­ani nabo kungenzeka lolu daba baludlulis­ele enkantolo yamalungel­o abantu emhlabeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa