Injabulo isikole sigubha u-150 iminyaka
BEKUHELEZA umoya wenjabulo nothando esikoleni samantombazane wodwa, Inanda Seminary, enanda, ethekwini izolo, emcimbini wokugubha iminyaka engu-150 saba khona.
Ukusimama kwalesi sikole, kuthiwa kuncike kubafundi baso abadala nabasha abazifelayo ngaso, abawa bevuka naso ezikhathini ezinzima nezimnandi.
Unkk Sibongile Esther Sangweni, owayengumfundi kulesi sikole ngo-1969, obeyisikhulumi sosuku, ugeqe amagula ngaso sonke isimo salesi sikole. Uthi sakhipha umqondo owawubusa abantu ngaleso sikhathi, wokuthi abantu besifazane indawo yabo isekhishini noma emisebenzini yasendlini.
“Ngeminyaka yama-1869 abebandla i-american Board of Mission, babehlose ukwakha imishini lapha enanda, kwathi unkk Mary Edwards waqala lesi sikole sinabafundi besifazane abangu-19 nje kuphela. Walwa nomqondo owawubusa abantu bakithi wokuthi umsebenzi womuntu wesifazane, wukwenzela indoda ukudla, ukuhlanza indlu nokukhulisa abantwana.
"Babencishwe amalungelo, bengenalo ivoti, bengeke bavule amacala, bengenawo amalungelo okuba nezindlu zabo. Bekuthi uma sebeshadile, zonke izinto zabo zijike kube ngezendoda,” kusho unkk Sangweni.
Uqhubeke wathi kwaze kwaba ngcono abesifazane bebandla sebeqala ukuxoxa ngezindaba zabo nangezinkinga ezibakhungethe, basungula inhlangano eyayibizwa ngethe Maternal Association, okwaholela ekubeni kuze kube nezikole zemfundo ephakeme namakolishi afana nemanzimtoti lapho kwakuhamba khona phambili unkk Lucy Lindley.
“Kwaba ngamandla emikhuleko yamakhosikazi aqotho eyaholela ekubeni kube nalesi sikole. Ngoba umkhuleko unamandla. Ngisho obaba ngaleso sikhathi babekholelwa ekutheni uma intombazane igcine emabangeni aphansi bese igana, kulungile.
"Kwakunzima ngisho kumalungu ebhodi lemishini ukuba kwakhiwe indawo yokuhlalisa amantombazane ngoba babefuna ahlale emakhaya,” kubeka unkk Sangweni.
Ezinkingeni ezahlasela lesi sikole ngeminyaka yama-1970, izimali zigqoza sabuye sasimama, kodwa kwasiphinda futhi ngo-1997 savalwa thaqa ngolwezi (November), sivalwa yibandla i-united Congregational Church of Southern Africa (UCCSA), ngenxa yazo izimali.
Izintokazi ezazifunda kusona zahlangana ngokushesha, zasungula inhlangano ebizwa nge-inanda Seminary Old Girls Association (ISOGA), kwafanele ukuba zibhekane nokuvuselelwa kwamabhilidi, amahholo, nazo zonke izidingo zesikole.
Zasebenzisa inhlangano yazo zayocela iminikelo kumnu Nelson Mandela owanxusa abagayi bephepha befemu ebizwa ngesapPI yanikela ngo-r3 million zajika izinto, savuka isikole, saqala phansi njengoba sisekhona ngisho nanamuhla.
“Ngikhuthaza bonke abazali nabafundi ukuba bazi ukuthi lesi sikole siyimijuluko yabo, kumele bangakhali ngokuthi siyabiza njengoba senizwile ukuthi isenti nesenti elisetshenziswa kulesi sikole, liphuma kubazali nale nhlangano yabafundi abadala kanye nabaxhasi bethu,” kuphetha unkk Sangweni.
Umbiko ogcwele ngomgubho wasenanda Seminary nokunye kuzotholakala KWILANGA lakusasa ngomsombuluko.