Ilanga Lempelasonto

KUSHONE UMLINGISI WEFILIMU YAKULELI

- THANDI ZONDI

KUKHALWA nxazonke ngokushona komlingisi obetshengi­sa ukuba nekusasa eliqhakazi­le endimeni yezokuling­isa.

Izolo kuzwakale izindaba zokushona kukasibusi­so Khwinana, ongomunye wabalingis­i abaphambil­i efilimini yodumo, imatwetwe, ekhiqizwe eningizimu Afrika. Ngokombiko wamaphoyis­a, lo mlingisi obeneminya­ka engu-25, uhlaselwe kade engaphandl­e kwasesterl­and Cinema maphakathi nepretoria ngolwesihl­anu ebusuku.

Ubekade ephuma ukuyobuka ifilimu nomlingani wakhe, besalinde imoto ebizobatha­tha (Uber). Ngesikhath­i besalindil­e, kuthiwa kufike indoda ethile yabaqola, k walwiwa kubangwa u m akha l ekhukhwini kakhwinana.

“Kubikwa ukuthi umufi ugwazwe ngokuthile okucijile ngasenhla emzimbeni. Ufele endaweni yesigameko. Njengamanj­e siphenya icala lobugebeng­u. Akekho obesaboshi­we,” kusho ucaptain Mavelo Masondo okhulumela ISAPS.

Omunye wabakhiqiz­i bale filimu, ublack Coffee, uphawule enkundleni yokuxhuman­a wathi: “Silahlekel­we. Kuzothatha isikhathi esingakana­ni ukuba sibone ukuthi ubugebengu buyinkinga ezweni lethu? Kumele kuze kufe abantu abangaki ngaphambi kokuba senze okuthile? Kumele sithembe bani ukusivikel­a thina nemindeni yethu? Kumele sivotele bani? #ripsbu.”

Nongqongqo­she wezobuciko namasiko kuzwelonke umnu Nathi Mthethwa uphawulile wathi: “Siphukile ngokuzwa ngokushona isigubhuka­ne komlingisi othandwa kangaka, oyisibuko sasesoshan­guve usbusiso Khwinana, othalente lakhe libonakele ekulingise­ni kwimatwetw­e. Ubengomuny­e wabasungul­i beIndepend­ent Theatres Makers Movement.” tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: PBS.TWIMG.COM ?? ISILILO kushona usbusiso Khwinana, ongomunye wabalingis­i abaphambil­i emdlalweni imatwetwe, okhonjiswa ema-cinema akuleli.
ISITHOMBE: PBS.TWIMG.COM ISILILO kushona usbusiso Khwinana, ongomunye wabalingis­i abaphambil­i emdlalweni imatwetwe, okhonjiswa ema-cinema akuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa