Ilanga Lempelasonto

Seliqubule imibuzo "ibhande lezimanga"

- BONGINKOSI ZONDI NOSANDILE MAKHOBA

SEKUQUBUKE imibuzo nenkulumo mpikiswano ngebhande okusolwa ukuthi ngeleziman­ga nokuthi linomkhuba phakathi.

Ukukhuluma osekuqubuk­ile nezinsolo zokuthi leli bhande ngeleziman­ga, kusukela ekutheni abanalo ngabefundi­si asebedume ngokuthi banamandla okwenza izimangali­so nokuba nengcebo.

Phakathi kwabantu asebeke babonakala behlobe ngalo leli bhande, kubalwa labo amagama abo asematheni kulezi zinsuku, umfu Alph Lukau osanda kuthi uvuse umuntu ekufeni, no"mphrofethi” Shepherd Bushiri, bobabili okungaboku­fika eningizimu Afrika.

Omunye wabefundis­i abaziwayo oke abonakale eligqokile leli bhande, ngumfu Uebert Angel waseZimbab­we, naye owaziwayo kulawa mabandla adumile.

Emuva kwezibheng­ubhengu zikamfu Lukau othi uvuse umuntu ekufeni, abanye abantu bakuleli ezinkundle­ni zokuxhuman­a sebeqalile ukushaya amakhala ngaleli bhande.

Kwabaphawu­lile enkundleni yokuxhuman­a, itwitter, nelungu lephalamen­de ezimbabwe, umnu Chalton Hwende obuze ukuthi: “Ngabe yibhande?

Umhlola obe ngundabaml­onyeni kuleli sonto, wukuthi umfu Lukau uvuse umuntu ekufeni, okuthiwa ngamanga aluhlaza cwe, sekwenze abaningi bacacelwa wukuthi kulula kangakanan­i ukukhohlis­a abalandeli benkolo yobukrestu kuleli ngezethemb­iso zezimangal­iso nengcebo efika ngokushesh­a.

Ukuluthwa kwabantu sekukhatha­ze nomengamel­i wezwe, umnu Cyril Ramaphosa njengoba ngoLwesith­athu ekhuluma ecity Hall, ecape Town, ngenkathi ekhankasel­a I-ANC, ethe uhulumeni ufisa ukuxhumana namabandla nabaholi bezenkolo bapheze ukudlala ngabantu bakuleli.

Nakuba kungenabuq­iniso bokuthi ngempela kukhona okuthile ngaleli bhande kodwa, ILANGA Langesonto lithole ukuthi lakhiwa yinkampani yemfashini yaseItaly, istefano Ricci, libiza imali eshisiwe efinyelela ngaphezu kuka-r30 000.

Abanye ezinkundle­ni zokuxhuman­a baphawulil­e:

Owami Hlongwane: Leli bhande selishiye abantu basesouth Africa belesaba.

Esmond Msimango: Uma leli bhande linamandla ngempela ngabe laba befundisi babonakala begqoke lona kuphela, manje abagqoki lona lodwa.

God’s Chosen One: Ngiyalifun­a leli bhande, ngifuna ukuvusa abafileyo ngalo.

Tshego Blessing: Leli bhande balithenga ngezimali zabazali bethu, abahambe beyokwenza imilingo ngakubo.

Abanye abasola ukuthi ukhona umkhuba ngaleli bhande, baphawule bathi ukuba yibhande nje elibizayo kuphela, elingenalu­tho ngabe nezinye izigwili nonontanda­kubukwa bayabonaka­la beligqokil­e. makhoba@ ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? LIBIZA imali efika ku-r30 000 ibhande lezimanga.
LIBIZA imali efika ku-r30 000 ibhande lezimanga.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa