Uphika eyokuwa kwemabala Noise
BAYIHLABA bayayihlikiza imibiko yokuthi inkampani yabo iyawa abemabala Noise.
Le nkampani yafika kwezwakala endimeni yezokungcebeleka kodwa lasheshe lashabalala idumela layo, kuthiwa izinto kazisayihambeli kahle.
Imithombo YELANGA Langesonto ithi indlela izinto ezitsheke ngayo emabala, amfiliba namathuba okuba ibe netende layo elidumile emcimbini omkhulukazi waminyaka yonke, ivodacom Durban July (VDJ) nonyaka.
Kuthiwa ohlwini lwezinkampani ezizobe zinamatende kulo mcimbi, elemabala Noise igama alibonakali. Njengoba unyaka usuqalile, izinkampani eziningi seziqalile ukwenza amalungiselelo ayo IVDJ, kwazise yenzeka phakathi nonyaka, kanti ukulungiselelwa kwayo kuthatha isikhathi eside.
Ukushintsha kwezinto kule nkampani kuqale ukuqapheleka eminyakeni emibili eyedlule, kodwa abaphathi bayo belokhu bephika ukuthi kukhona okungahambi kahle.
Kwagqama ukungahambi kahle kwezinto ngesikhathi ishiywa ngabanye babaculi abanohlonze ababesayinwe ngaphansi kwayo.
Phakathi kwabaculi abayilaxaza phansi le nkampani, kubalwa uriky Rick, ugigi Lamayne, upro Kid (ongasekho emhlabeni), uzola 7 nabanye osaziwayo, okukhona kubona nokhanyi Mbau.
ILANGA Langesonto lizame izikhawu eziningana ukuxhumana noreggie Nkabinde obeyisikhulu sayo esiphezulu, ukuze aphawule ngemibiko yokungahambi kahle kwezinto kule nkampani, kodwa akuzange kube lula ukumthola, laze lathola uflabba Rimosco, ongomunye wezikhulu zale nkampani.
Uflabba uyihlabe wayihlikiza imibiko yokuthi iyawa inkampani yabo. Utshele intatheli ukuthi imabala ayiwile, ikhona futhi iyasebenza.
“Umuntu okutshele leyo nto ngumuntu ofuna ukufeza izinhloso zakhe nje, imabala ikhona netende sizoba nalo kwivdj, wukuthi nje asikakafiki emaphethelweni ezinhlelo,” kusho uflabba.
Uthe ekupheleni kwenyanga ezayo uzobe esephethe umbiko ogcwele ngezinhlelo zabo ZEVDJ. Uthe basenabo abaculi ngaphansi kwesitebele sabo sokuqopha umculo futhi baneme.
“Angazi abantu bayithathaphi indaba yokuthi inkampani yethu yabaculi ayisasebenzi ngoba ukhona uzakwe, ul’vovo, izing Master, igolden Black nabanye. Kuyimanje nje, simatasa nemisebenzi yabo okumele iphume,” kusho uflabba.
Utshele intatheli ukuthi ureggie akasahlangani nemabala, ushiye bona ukuba babheke umsebenzi njengoba yena esagxile kwezepolitiki. makhoba@ilanganews.co.za