Ilanga Lempelasonto

Uphika eyokuwa kwemabala Noise

- SANDILE MAKHOBA

BAYIHLABA bayayihlik­iza imibiko yokuthi inkampani yabo iyawa abemabala Noise.

Le nkampani yafika kwezwakala endimeni yezokungce­beleka kodwa lasheshe lashabalal­a idumela layo, kuthiwa izinto kazisayiha­mbeli kahle.

Imithombo YELANGA Langesonto ithi indlela izinto ezitsheke ngayo emabala, amfiliba namathuba okuba ibe netende layo elidumile emcimbini omkhulukaz­i waminyaka yonke, ivodacom Durban July (VDJ) nonyaka.

Kuthiwa ohlwini lwezinkamp­ani ezizobe zinamatend­e kulo mcimbi, elemabala Noise igama alibonakal­i. Njengoba unyaka usuqalile, izinkampan­i eziningi seziqalile ukwenza amalungise­lelo ayo IVDJ, kwazise yenzeka phakathi nonyaka, kanti ukulungise­lelwa kwayo kuthatha isikhathi eside.

Ukushintsh­a kwezinto kule nkampani kuqale ukuqaphele­ka eminyakeni emibili eyedlule, kodwa abaphathi bayo belokhu bephika ukuthi kukhona okungahamb­i kahle.

Kwagqama ukungahamb­i kahle kwezinto ngesikhath­i ishiywa ngabanye babaculi abanohlonz­e ababesayin­we ngaphansi kwayo.

Phakathi kwabaculi abayilaxaz­a phansi le nkampani, kubalwa uriky Rick, ugigi Lamayne, upro Kid (ongasekho emhlabeni), uzola 7 nabanye osaziwayo, okukhona kubona nokhanyi Mbau.

ILANGA Langesonto lizame izikhawu eziningana ukuxhumana noreggie Nkabinde obeyisikhu­lu sayo esiphezulu, ukuze aphawule ngemibiko yokungaham­bi kahle kwezinto kule nkampani, kodwa akuzange kube lula ukumthola, laze lathola uflabba Rimosco, ongomunye wezikhulu zale nkampani.

Uflabba uyihlabe wayihlikiz­a imibiko yokuthi iyawa inkampani yabo. Utshele intatheli ukuthi imabala ayiwile, ikhona futhi iyasebenza.

“Umuntu okutshele leyo nto ngumuntu ofuna ukufeza izinhloso zakhe nje, imabala ikhona netende sizoba nalo kwivdj, wukuthi nje asikakafik­i emaphethel­weni ezinhlelo,” kusho uflabba.

Uthe ekupheleni kwenyanga ezayo uzobe esephethe umbiko ogcwele ngezinhlel­o zabo ZEVDJ. Uthe basenabo abaculi ngaphansi kwesitebel­e sabo sokuqopha umculo futhi baneme.

“Angazi abantu bayithatha­phi indaba yokuthi inkampani yethu yabaculi ayisaseben­zi ngoba ukhona uzakwe, ul’vovo, izing Master, igolden Black nabanye. Kuyimanje nje, simatasa nemisebenz­i yabo okumele iphume,” kusho uflabba.

Utshele intatheli ukuthi ureggie akasahlang­ani nemabala, ushiye bona ukuba babheke umsebenzi njengoba yena esagxile kwezepolit­iki. makhoba@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UFLABBA Rimosco okunguyena osephethe emabala Noise njengoba ureggie Nkabinde esegxile kwezepolit­iki.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UFLABBA Rimosco okunguyena osephethe emabala Noise njengoba ureggie Nkabinde esegxile kwezepolit­iki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa