Ilanga Lempelasonto

Ulubheke ngabomvu olwakusasa ujacinta

Uzophinde azwakale emsakazwen­i

- AYANDA BUTHELEZI

THI asehlile amaphaphu nokutataze­la ujacinta

Ngobese njengoba kusasa ngomsombul­uko ezozwakala okokuqala emsakazwen­i emuva kokuphelel­wa umsebenzi wokusakaza eminyakeni emithathu eyedlule ngesikhath­i kuphela inkontilek­a yakhe. Iphimbo lale ntokazi enesipiliy­oni seminyaka ebalelwa kwengu-10 kulo mkhakha, lizozwakal­a kwivuma FM 103 kusasa ohlelweni lwasemini phakathi kuka12:00 kuya ku-3:00 ntambama. Ekhuluma NELANGA Langesonto emuva kokuqinise­kisa amahlebezi athi uyojoyina lo msakazo, uthe ujabule, kuthi makandize ngokuthola leli thuba lokubuyela emsakazwen­i. Engxoxweni leli phephandab­a elaba nayo naye ngenyanga edlule, ujacinta wakuveza ukuthi usenesifis­o sokubuyela emsakazwen­i. Leli thuba uthe ubengalind­ele ukuthi lingavela ngokushesh­a okungaka. “Izingxoxo ziqale ngomsombul­uko kwathi ngolwesibi­li bangibiza ukuba ngizosayin­a inkontilek­a ethi ngiyaqala ngoMsombul­uko (kusasa). “Ngijabule kakhulu ngoba ukubamba izintambo ohlelweni olungena ngalesi sikhathi kusho ukukhula kimina njengoba ngesikhath­i ngishiya kulesi siteshi ngo-2016 ngangibamb­isene nozakwethu ohlelweni oluphakath­i kuka-9:00 ekuseni kuya ku-12:00 emini,” kusho le ntokazi. Uthe akukho okwehluke kangako akuphethe ngaphandle kokuthi kumele aqonde ukuthi isikhathi anikwe sona abalaleli basuke besekhefin­i, ngakho kabadingi ukuxinwa ngezindaba ezikhathaz­ayo kodwa badinga okupholile njengomcul­o, ezokungceb­eleka nokusemath­eni ngaleso sikhathi. “Yilokho engizoqike­lela ukuthi abalaleli bayakuthol­a kulolu hlelo.

“Okunye ukuthi kumele balindele ujacinta okhulile ngokomqond­o ngoba kusukela ngigcina ukuzwakala emsakazwen­i ziningi izingqinam­ba engidlule kuzona ezingikhul­isile,” kusho yena. Ngaphambil­ini lo msakazi (31) useke wasebenza kwivibe FM, yinanda FM, negagasi FM.

ayandab@ilanganews.co.za SENGIBONIL­E ukuthi iphupho likabishop Vusi Dube ukuba nendawo edayisa izimoto. Lokhu kuboniswa yizenzo zakhe njengoba isonto lakhe lihlale lisezindaw­eni lapho kupaka khona izimoto.

Waqala eworkshop wabeka inguzanguz­a yetende endaweni la okupaka khona izimoto, wasuka lapho waya e-albert Park nakhona wayiyeka yonke ipaki kodwa wayolibeka la kupaka khona izimoto, wasuka waya esouth Beach walifaka la obekudayis­wa khona izimoto, lasuka laya kusmith nakhona lalise garaji lezimoto, namanje la ukhona igaraji lezimoto. Sichazele Bishop ukuthi kwenzakala­ni ngawe nezimoto.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? ZIBUKEKA zimhambela kahle izinto ujacinta Ngobese njengoba ezophinde azwakale emsakazwen­i emuva kokuphelel­wa umsebenzi wokusakaza eminyakeni emithathu eyedlule.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ZIBUKEKA zimhambela kahle izinto ujacinta Ngobese njengoba ezophinde azwakale emsakazwen­i emuva kokuphelel­wa umsebenzi wokusakaza eminyakeni emithathu eyedlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa