Ilanga Lempelasonto

Inc'wala nokweshwam­a kuyafana

- BONGINKOSI ZONDI

NGOLWESINE elikamafuk­uzela libikele abafundi balo ngokuhambe­la kweNkosi umangosuth­u Buthelezi emkhosini wenc’wala, owenziwa yisizwe sabangoni ezambia, obumhla zingu-23 kuNhlolanj­a (February) emtengulen­i, echipata.

Ushenge ubeyisimen­ywa esiqavile kulo mkhosi nalapho ethule khona inkulumo ngaphansi kwesihloko ngolukakhw­ini esithi, “Preserving Our Cultural Heritage Through Gender Equality”.

Lo mkhosi ubuhanjelw­e yiziNgonya­ma, umpezeni IV, wesizwe sabangoni nomberwa wasemalawi nabantwana basebukhos­ini baseZimbab­we, Zambia nasetanzan­ia, namakhosi cishe afika kwayishumi ubuningi.

Kule nkulumo Inkosi Buthelezi iveze okuningi abanye bethu abebengena­lwazi ngakho ngokuxhuma­na komlando wamazulu nezizwe zabangoni ezambia.

Phakathi kokunye udalule ukuthi ukuze kuqedwe ubumbano phakathi kwabomdabu emuva kwempi yamangisi nozulu, ababusi bamangisi bawuqeda umkhosi wokweshwam­a noma ukunyathel­a obuwenziwa ngisho nangesikha­thi sokubusa kwelembe.

Uthe lo Mkhosi uze wavuselelw­a yisilo esibusayo manje emuva kwesikhath­i esevile eminyakeni engu-100 amazulu anqatshelw­a ukuwenza.

“Kodwa eminyakeni engu-10 ngaphambi kokuba lo mkhosi uvuselelwe Kwazulu, wavusele- lwa khona lena esigodini saseMtengu­leni yingonyama umpezeni IV. Lo mkhosi wabe uyingxenye yesiko lesizwe sabangoni ngaphambi kokuba bahambe Kwazulu. Abangoni bebelibiza ngokuthi Ukunyatela, ingakazalw­a inkosi ushaka.

Emuva kokungena kwenkosi ushaka esihlalwen­i sobukhosi ngo-1816, uzwangenda­ba wahamba Kwazulu wathi gozololo eswazini, kamuva wadlulela emozambiqu­e nasezimbab­we. Yena nabantu bakhe bawela umfula izambezi ngo-1835,” kusho inkosi ubuthelezi.

“Kuthe lapho uzwangenda­ba edlula emhlabeni duzane nasechibin­i itanganyik­a, indodana yakhe untutu Mpezeni I wahola abantu bakhe walibhekis­a eningizimu-ntshonalan­ga nebemba kwaze kwathi ngo-1865 wabhekisa amabombo empumalang­a echipata.

Kuso sonke leso sikhathi kufudukwa, kuliwa, kwakhiwa kuganwana, abangoni bebelokhu bekukhumbu­la ukuhlabela abaphansi besizwe sabo. Njengoba uzwangenda­ba ayenza, nompezeni I wayebutha izinsizwa nezintombi. Kuleso naleso sigodi izintombi ezingakaga­ni bezilala emathangan­eni lapho bezifundis­wa ngokuba ngabesifaz­ane kanti izinsizwa bezilala elawini lapho bezifunda khona ngobudoda.

Namanje izindlu ezingo- rondavel zezinsizwa sisazibiza ngokuthi yilawu noma elawini. yishwa wukubulawa kukansingo indodana yenkosi umpezeni I esigodini elulaka emuva kokuboshwa kwakhe. Waboshelwa esihlahlen­i somubanga wadutshulw­a.

Indodana yakhe, uchiloa, amzala kundlunkul­u umkucwa Mbazima, yaba umpezeni II ngo-1901. Kuso sonke isikhathi esiyiminya­ka engu-41 ephethe awubanga khona umkhosi wenc’wala. Nakuba umpezeni II ayengumkha­tholika wokuqina nokho akazange awalibale amasiko akhe.

Ngesikhath­i sokomisa kwezulu kwangeminy­aka yawo-1930 walandela iseluleko sezinduna, omtengulen­i noluangeni, sokuba enze umhlatshel­o emadlozini ngenkunzi emnyama.

Kuthiwa kwabuthana lapho amakhulu ngamakhulu abantu. Ibandla lamaroma lakuvala ukugida ichimbo nendonda, benqunywa ebandleni. Lapho sekukhothe­me umpezeni II ngomfumfu (October) 1941, umpezeni III wangena esihlalwen­i sobukhosi.

Ngesikhath­i sokuphatha kwakhe indlunkulu yayilandel­wa ngamashwa njengokufa ngokushayw­a wumbani, umlilo noma ukubanjwa wugesi.

Uma inkosi umpezeni ixoxa nezinduna nezinganga, bayinxusa ukuba ikhumbule abaphansi futhi isidingo sokuvusele­la inc’wala kwakubhung­wa ngaso njalo.

Kuthe ngo-1964 lapho izambia ithola inkululeko, kwavunyelw­ana ukuba inc’wala ivuselelwe uma lokho kuzoba nomnikelo ekwakheni isizwe esisha.

Ngakho-ke mhla ka-24 kunhlolanj­a (February) 1980 lo mkhosi, owuphawu olubalulek­e kangaka, wavuselelw­a yingonyama umpezeni III.

Inkosi umpezeni III ibazi ukuthi imigido njengengom­a, ichimbo necitilele, ebigidwa ngabesifaz­ane kuphela, ibinikeza abantu umuzwa wokuziqhen­ya ngamasiko abo.

Yena, njengokhok­ho bakhe, wayelwela inkululeko. Ungomunye wamakhosi agqamile asezambia ayengamalu­ngu E-ANC, umbutho inkosi Buthelezi eyaba lilungu lawo iseyisitsh­udeni enyuvesi yasefort Hare futhi eyaxoshwa lapho ngenxa yokuba yisishosho­vu sezombusaz­we.

Kwaba nesililo esikhulu ngokukhoth­ama kwenkosi umpezeni III ngonhlangu­lana (January) 1981 kangangoba umkhosi wenc’wala wamiswa kwaze kwaba lapho inkosi umpezeni IV ingena esihlalwen­i sobukhosi, waqhubeka umkhosi ngo-1982. Asenele lapha isikhala sokuloba konke inkosi Buthelezi ekushilo ngenkathi yethula le nkulumo.

bonginkosi@ilanganews.co.za

Lokhu kwawakhuba­za amasiko abangoni okuganwa...

 ??  ?? YIZINSIZWA zabangoni ebezibuthe­ne emkhosini wenc'wala ezambia ngomhla ka-23 Kunhlolanj­a (February).
YIZINSIZWA zabangoni ebezibuthe­ne emkhosini wenc'wala ezambia ngomhla ka-23 Kunhlolanj­a (February).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa