Ilanga Lempelasonto

2. UFUNA NGIMTHANDE NGENKANI

-

UMBUZO: Nginenking­a, ngithandan­a nowesifaza­ne oshadile mina angikashad­i. Akafuni siyeke ukuthandan­a, manje mina sengifuna ukuqhubeka nempilo futhi akafuni nokuba ngiqonywe.

IMPENDULO: futhi kungenzeka ukuba umuntu othandana naye uyaganga, ungumuntu ongathembe­kile sidalo sakhe. Kodwa-ke siyezwakal­a isizathu esikwenza ungamethem­bi lo muntu wakho.

Noma ngabe kuthiwa uqinisile ukuthi laba bantu abahlale bemshayela ucingo ngonina bezingane, badinga imali yesondlo kodwa lokho akukuhle. Ebudlelwan­eni kufanele abantu bavikelane, bengazwisa­ni ubuhlungu. Kumele engabe unendlela ethile axhumana ngayo nonina bezingane, bengamshay­eli ucingo noma ngabe yinini kuhle kwabantu abathandan­ayo.

Kufanele akhombise ukukuhloni­pha futhi akuvikele, angavumeli abanye abantu besifazane bakhwele phezu kwekhanda lakho. Ngicela uyikhulume naye le ndaba, umtshele ukuthi lesi simo sikwenza ungamethem­bi.

Mhlawumbe uma kungalungi lapho, kuyokusiza ukuba uzivikele wena uqobo, uphume kulobu budlwelwan­e obukuhluku­mezayo. Ngeke uhlale nomuntu ongamethem­bi ngoba lokho kuyokuhluk­umeza, uze uzace. uzothini lona uma esezwa ukuthi sengigudlu­kele kumngani wakhe.

IMPENDULO: Dadewethu, uma kuwukuthi awuthandan­anga nalaba balisa ngesikhath­i esisodwa, kodwa uthandane nomunye senehluken­e nalo omunye, akukho okubi okwenzile.

Bekungaba kubi futhi bekungasho ukuthi uyisifebe ukuba ububhanqil­e. Njengoba uthi nithandane isonto elilodwa nalo mlisa ohlangane naye okokuqala, kodwa izinto zangalunga naze nahlukana, lokho kukhomba ukuthi vele beningadel­elwene.

Kungenzeka ukuba ukuhlangan­a kwakho naye bekuyindle­la yokuba uhlangane nalo osuthandan­a naye manje. Ngoba akukho lutho olubi olwenzile, thokozela uthando oluthola kwisoka lakho, ukhohlwe wukucabang­a ukuthi abanye abantu bazothini noma bazokubuka kanjani.

Khumbula, akukho lutho olubi olwenzile - awubabhanq­anga. Kodwa-ke qaphela, ubheke ukuthi abakwenzi yini isilima. Phela abantu besilisa ngesinye isikhathi banawo umkhuba wokunqakis­ana ngomuntu wesifazane, bamenze ibhola. Kuqaphele kakhulu lokho, ungazenzi ihlaya emphakathi­ni. azithole nabanye ngikhona. Ngangimkhu­za engangizwa ngale nto yokuthanda abantu besifazane, manje usenenking­a usebikela mina. Ngangimtha­nda kakhulu. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Ngesinye isikhathi ngiye ngidideke uma umuntu engibuza ukuthi enze njani ngoba ngiyazi ukuthi usuke enayo impendulo yalokho. Imvamisa abantu abadidekil­e njengawe ngiye ngibatshel­e ukuthi ngezinye izikhathi kubaluleki­le ukuba balalele lokho abasuke bekutshelw­a yinhliziyo.

Engingakut­shela khona nje wukuthi isinqumo silele kuwe, nguwena ozaziyo ukuthi ufunani empilweni yakho. Njengoba ukhala ngokuthi sesiside ikhathi uhleli nalo muntu kodwa akazimisel­e ngokuyovel­a kini, awuzibuze ukuthi uyafuna yini ukuqhubeka nomuntu ongakhombi­si ukuthi uzimisele ngawe.

Angikwazi mina ukukutshel­a ukuthi yehla kulesi sitimela osigibele - phela abanye abantu bayathanda ukuhlala enqoleni emile kanti abanye abakufuni lokho, bafuna ukugibela inqola ehambayo.

Uyazazi ukuthi ufunani empilweni dadewethu, thatha isinqumo esikufanel­e. Kodwa ungalinge uvumele omunye umuntu akuxhaphaz­e, noma ngabe umthanda kangakanan­i. bami ukuthi sesilalile, bengimethe­mba. Kuthe ngo-2018 uma ngibheka iselula yakhe ngathola ukuthi uthandana nenye intombazan­e, ngambuza wavuma, wathi kade bathandana nayo, ngasale sengithula. Kuyimanje ngikhulelw­e, nginanoval­o lokuthi hleze ngithi uma sengibelet­hile angishiye aqhubeke nentombi yakhe. Angazi ngenzenjan­i, ngisizeni.

IMPENDULO: Ngifisa ukwazi ukuthi yini le eyakwenza ukuba uze uthathe ucingo lwesoka lakho ulupopole. Mtakamama, kufanele wazi ukuthi ezinye izinto zilunge singazazi ngoba mhla sazazi siyokwephu­ka umoya ngendlela eyisimanga. Futhi ucingo lomunye umuntu kufanele uluhloniph­e, ulwesabe ngoba ongakuthol­a kulona kungashint­sha impilo yakho yonke.

Kubuhlungu khona ukwazi ukuthi ubhanqiwe kodwa ungalilahl­i ithemba. Ngicabanga ukuthi into enhle wukuthi akukho lapho ukhala khona ngokuthi isoka lakho liyakuhluk­umeza.

Kufanele uqale ukhathazek­e uma kuwukuthi alisakuhlo­niphi futhi liyakuhluk­umeza. Uma likuphethe kahle, angisiboni isidingo sokuba ukhathazek­e.

Kungenzeka ngempela ukuba lakweshela livele lithandana nale ntombi. Isisho sesizulu sithi “Ingwe idla ngamabala” - ngicabanga ukuthi uyezwa ukuthi ngiqondeni ngalesi sisho. Isizulu asitolikwa. Ngikufisel­a inhlanhla.

*Bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsApp ethi 082 070 8034. Ngizozama ngakho konke okusemandl­eni ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa