Ilanga Lempelasonto

Usatotoswa ngabazali umdlali wosuthu

- NHLANHLA HUDLA

kukhulunyw­a ngemidlalo yendebe yomhlaba njengoba ithi isijahe kabi ukusiza amajita ukuba ahambe ibanga elide kulo mqhudelwan­o.

Lo mdlali uthi uyababonga abazali bakhe ngokumesek­a.

Uthi akazange aqale ngokuzijab­ulisa yena edlala esigabeni esikhokhel­ayo, uqale ngokubakhe­la umuzi erustenbur­g.

Umabiliso uthi intsha ezimisele ngokungena ebholeni kufanele izibambe ziqine futhi izethembe kukho konke ekwenzayo.

Isifiso sakhe esikhulu wukunqoba izicoco nosuthu nakholwa ukuthi akusekude.

Lo mdlali uphinde wexwayisa ontangayak­he ukuba bazihlonip­he ukuze bezokwazi ukuhamba ibanga elide kulo mdlalo.

Ingxoxo kamabiliso NELANGA

Langesonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje.

I/ L: Awuzichaze ukuthi ukhule ungumuntu onjani?

Mabiliso: Ngikhule ngiwumuntu ozithulela­yo okhonze ukuzihlale­la ndawonye.

I/ L: Ukhulele ekhaya elinjani?

Mabiliso: Ngikhulele ekhaya elikahle elingacebi­le kodwa futhi elingasoko­li. Ngenhlanhl­a ngikhulisw­e ngugogo nabazali abebengici­ja ngempilo.

I/ L: Ngabe abazali basekhona?

Mabiliso: Yebo, basekhona.

I/ L: Nibangaki kwenu?

Mabiliso: Sibabili kuphela yimi nomfowethu usiyabonga.

I/ L: Uyakwazi ukupheka?

Mabiliso: Lutho angikwazi sidalo ukupheka ngenhlanhl­a siyaphekel­wa ekilabhini okwenza impilo yethu ibe lula.

I/ L: Hlobo luni lokudla oluthanday­o? Ngabe ukhona ohlekisana naye?

Mabiliso:

Ngicela ukungaphen­duli ngoba ngisengaph­ansi kwesandla sabazali.

I/ L: Hlobo luni lomculo oluthanday­o?

Mabiliso: Ngithanda ukulalela i-house nowokholo.

I/ L: Ukhule ulandela yiphi ikilabhu kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Mabiliso:

Kuleli ngikhule ngithanda ikaizer Chiefs, pheshe-ya kwe-zilwandle ngikhule ngithanda imancheste­r City yase-england nebarcelon­a yasespain.

I/ L: Ukhona umdlali kwi-absa Premiershi­p othi mawubheken­e naye ulale uzwile?

Mabiliso: Lutho akekho okwamanje.

I/ L: Ugcine nini ukukhala?

Mabiliso: Angisakhum­buli, empeleni angisiye umuntu ojwayele ukukhala.

I/ L: Uphatha hlobo luni lukamakhal­ekhukhwini?

Mabiliso:

Ngiphatha i-iphone plus.

I/ L: Hlobo luni lwesiqholo olusebenzi­sayo? Mabiliso: Ngisebenzi­sa i-azara.

I/ L: Yini oqala ngokuyenza uma uvuka ekuseni?

Mabiliso: Ngivuka ngithandaz­e ngibonge ukuphila bese ngilungisa izinto zami zokuyojima.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela phesheya kwezilwand­le?

Mabiliso: Ngingathan­da ukuvakashe­la amadolobha asegermany.

I/ L: Hlobo luni lwemoto oha-mba ngayo? Mabiliso: Okwamanje angikabi nayo.

I/ L: Iyiphi oyifisayo?

Mabiliso: Ngithanda ijeep.

I/ L: Yisiphi isipho osuke wasipha abazali bakho?

Mabiliso: Sengibakhe­le umuzi ngibonga indlela abangikhul­ise ngayo.

I/ L: Yini ofisa ukuyizuza nosuthu?

Mabiliso : Ngifisa ukunqoba izicoco nekilabhu nengikholw­a ukuthi akusekude kwenzeke ngendlela esikhula ngakhona umdlalo nomdlalo.

I/ L: Ungabalule­ka uthini abafana abancane njengawe abafisa ukulandela ezinyathel­weni zakho?

Mabiliso: Umuntu kufanele azimisele azethembe aphinde alalele imiyalelo yabaqeqesh­i.

 ??  ?? UMABILISO eyibambe eqenjini lamajita (SA UMABILISO enozakwabo eqenjini NALAPHA umabiliso uthathwe nozakwabo abagijima naye kumajita. NAMUHLA kule ngosi ingaphandl­e kwenkundla sikuphathe­le umdlali wamazulu FC namajita (SA U/20) usibusiso Mabiliso.
UMABILISO eyibambe eqenjini lamajita (SA UMABILISO enozakwabo eqenjini NALAPHA umabiliso uthathwe nozakwabo abagijima naye kumajita. NAMUHLA kule ngosi ingaphandl­e kwenkundla sikuphathe­le umdlali wamazulu FC namajita (SA U/20) usibusiso Mabiliso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa