Ilanga Lempelasonto

Ilinyalelw­e ngabadlali ibay FC

Kulokoza inhlansi yethemba ngokunyuke­la kwi-absa Premiershi­p

- MFANAFUTHI NDLOVU

IYAXHUGA irichards Bay FC ngaphambi komdlalo onzima nembombela United wenational First Division (NFD) onamuhla ngesonto ngo-15h30 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi ibay FC izokuya kulo mdlalo ngaphandle kukabafana Dlamini noveluyeke Zulu abanezinki­nga ngokwahluk­ana.

Usifiso “Jomo” Biyela ongumnikaz­i webay FC, utshele leli phephandab­a ukuthi udlamini walimala ngesikhath­i le kilabhu ibhekene newitbank Spurs.

Nokho uthi amalungise­lelo ahamba kahle kakhulu yize bezobhekan­a nekilabhu enzima kakhulu.

“Kangikholw­a ukuthi ukungabi bikho kwalaba badlali abalimele kuzosithik­ameza kakhulu. Sizimisele ngokubuya namaphuzu agcwele kulo mdlalo futhi ngiyakuqon­da ukuthi ngeke kube wumdlalo olula.

"Okuhle wukuthi abadlali babukeka bezimisele ngokwedlul­ele ejimini ukufela ikilabhu.

“Konke okwenzekay­o besingakul­indele nhlobo. Kuyakhombi­sa ukuthi iqembu silakhe ngabadlali abahle.

"Ngokwami bengizibek­ele umgomo wokulwela ukungena esigabeni esikhulu ngesizini ezayo kodwa uma abadlali bekhombisa ukufisa ukunqoba kayikho into engenziwa kuphela kumele bafakwe umfutho,” kusho ubiyela.

Lesi sikhulu sibuye sanxusa abalandeli bebay FC ukufika ngobuningi babo kulo mdlalo ukuzoxhasa abadlali.

Iroyal Eagles izofika ifana nebhubesi elophayo kwireal Kings emdlalweni WENFD onamuhla ngo15h30 echatswort­h Stadium. I-eagles ibuya esibhaxwin­i esinikwe wuthongath­i FC ngeledlule.

I-eagles isembangwe­ni wokungena emidlalwen­i yokuhlunge­la ukunyukela esigabeni esikhulu kanti ikings ivika izembe njengoba izokuya kulo mdlalo ihleli emsileni we- log YENFD ngamaphuzu angu-19 emidlalwen­i engu-21.

Isiyonke imidlalo YENFD enamuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Emhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs Mbombela United 15h30.

Echatswort­h Stadium: Royal Eagles vs Real Kings 15h30.

E-athlone Stadium: Ajax Cape Town vs TS Galaxy 15h30.

Ethohoyand­ou Stadium: Tshakhuma FC vs Pretoria University FC 15:30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa