Ilanga Lempelasonto

Owosuthu ugxeke abadlali bedliwa

Ubeselilah­lile ithemba u-eric Tinkler

- SENZO SOKHELA

UWUQONDISE kubadlali bakhe umunwe ucavin Johnson ongumqeqes­hi wamazulu FC ezakhe ziguqiswa ngomkhaya imaritzbur­g United ngo-2-1 kowe-absa Premiershi­p ngolwesihl­anu ebusuku eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Amagoli okunqobe ngawo imaritzbur­g abekwe enethini ngufortune Makaringe nojudas Moseamedi, kwathi elosuthu nalo lashaywa yimaritzbu­rg ubandile Shandu elihlohla ngakubo.

Ujohnson usole abadlali bakhe ezakhe zihlulwa.

“Besazi ukuthi imaritzbur­g izoza ngamandla njengoba isengcuphe­ni yezembe. Besihlele ukuthi umiguuel Timm singamniki ithuba esiswini ngoba nguyena oyidlalisa­yo kodwa sangamumak­a ngendlela.

"Ngaphandle kwalokho, besithola amabhola siphinde siwabuyise­le kuyona imaritzbur­g. Bekufanele sihlulwe, abadlali bethu abazange bayenze into ebesibayal­ele yona,” kusho ujohnson.

U-eric Tinkler ololonga imaritzbur­g, uthi ubeselilah­lile ithemba ezitshela ukuthi usuthu seluhambe nawo amaphuzu.

“Ngesiwombe sokuqala bekufanele sishaye inqwaba yamagoli basizwa ngunozinti wabo (usiyabonga Mbatha) obevimba oqekelele. Sishaye nepali kunzima, sicindezel­e. Ngendlela ebelingavu­mi ngayo igoli bese ngililahli­le ithemba ngithi ngeke silinuke. Ngijabule ngalo mphumela, wenze sabuyelwa yithemba lokuthi sizolivika izembe,” kusho utinkler.

Lo mqeqeshi kubukeka esayibambe kahle kwiteam of Choice kwazise nguyena oyitholele ama- phuzu okuqala agcwele asekhaya kule sizini ihlula ipolokwane City ngo-3-2 ngasekuqal­eni kukanhlola­nja (February) njengoba esephinde waqoqa aphelele kowosuthu. Ngeledlule iteam of Choice italajwe yicape Town City ngo-3-2 ekuhambeni ecape Town.

Amazulu aguqiswe kulo mdlalo nje, abebuya esibhaxwin­i esinzi- ma asinikwe yi-orlando Pirates kuba ngu-4-1 ngeledlule egoli.

Yize imaritzbur­g isabambe ibhuleki emsileni we- log yalesi sigaba kodwa ukuqala ukuqoqa

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UTALENT Chawapiwa wamazulu FC ebhekene nomxolisi Kunene wemaritzbu­rg United enqobe sekuvalwe amehlo ngo-2-1 kowe-absa Premiershi­p ngolwesihl­anu ebusuku eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UTALENT Chawapiwa wamazulu FC ebhekene nomxolisi Kunene wemaritzbu­rg United enqobe sekuvalwe amehlo ngo-2-1 kowe-absa Premiershi­p ngolwesihl­anu ebusuku eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa