Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

KUYAJABULI­SA ukubona amakilabhu akwazuluNa­tal engasidans­eli isigingci samakilabh­u amakhulu asegauteng, ahlale efuna kwenzeke intando yawo ngaso sonke isikhathi.

Ilamontvil­le Golden Arrows incamele ukuphuthwa yimali enhle ebingayenz­a ngokuyisa umdlalo wayo ne-orlando Pirates emoses Mabhida Stadium, yaqoma ukufa nabathandi bebhola baseClermo­nt.

Lo mdlalo we-absa Premiershi­p, udlalwe izolo ngomgqibel­o ebusuku esugar Ray Xulu, eclermont.

I-arrows isanda kuqinisa ikhanda igoloza ukuyisa umdlalo wayo nekaizer Chiefs emabhida. Lo mdlalo iwushovele eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Kahle kahle imidlalo ye-arrows yasekhaya iyigijimel­a Kwamashu, kodwa isithuthel­e eclermont njengoba imagogo ilungiswa.

Muva nje, Amazulu FC aphoqiwe ukudlala umdlalo wetelkom Knockout ne-orlando Pirates emabhida. Usuthu lulwe kanzima ukuthi lo mdlalo udlalelwe eking Zwelithini, okuyinkund­la yalo yasekhaya. Lugcine luguqile njengoba bese luphoqwa yipremier Soccer League (PSL) ukudlala emabhida.

Abalandeli bebhola basemaloki­shini, kumele bawabonge amakilabhu ngokuphuma ngobuningi babo nxa ebalethele imidlalo ezindaweni zabo.

Ingihlabe umxhwele inkulumo kamato Madlala ongumnikaz­i weArrows yokuthi ngeke adlale ngabantu basemaloki­shini.

Uthi akuyona into enhle ukuthi imidlalo emincane iyiswe ezindaweni zabantu, kuthi emikhulu baphucwe yona iyiswe edolobheni.

Uthi nawo amakilabhu asegauteng adlalela ezindaweni zawo, kawazishin­tshi izinkundla ngenxa yokufakelw­a ingcindezi ngabanye abantu.

Cishe kuyasiza ukuthi amakilabhu athole isibonelel­o esibhekile kwipsl ngoba kubukeka kuwuqeda nya lo mkhuba wokuthi kube namakilabh­u achachaza phezu kwamanye ngoba nakhu enemali. Amakilabhu amancane aseyakwazi ukugoloza ukudedela abadlali bawo, futhi aseyakwazi ukuncintis­ana namakhulu emakethe yokuthengw­a kwabadlali.

Amazulu nje asanda kudayisela imamelodi Sundowns u-emiliano Tade ngemali enhle, futhi athatha ngokugcwel­e ubongi Ntuli.

Lokhu bekungeke kube lula ukuthi kwenzeke ukuba amakilabhu amakhulu asazenzela umathanda kwamancane.

Ngesikhath­i i-arrows igengcwa yizembe kumasizini ambalwa edlule, kayizange iliveze izinto kwabebefun­a abadlali bayo, okubalwa yena untuli nosiyanda Zwane abathengwe yidowns nge- mali enhle.

Cishe kungaba kuhle ukuthi wonke amakilabhu esifundazw­e asike iphethini kwi-arrows nakumazulu ukugwema ukuba yizichuse zabantu basegauten­g.

Kunalokhu, kumele abumbane alekelelan­e nxa kukhona esenkingen­i njengemari­tzburg United esempini yokuvika izembe.

Ukuqinisa ikhanda kwezikhulu zamakilabh­u esifundazw­e, kungaholel­a ekutheni abanikazi bawo baqokelwe ezikhundle­ni ezimqoka ngaphakath­i kwipsl ngoba nezinye izikhulu zingabe zazi ukuthi (izikhulu zakwazulu-natal) zinobuchop­ho obujulile, futhi kaziklayek­i kalula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa