Ilanga Lempelasonto

Uzulelwa ngamanqe obeyisikhu­lu sokhozi FM

WINA ingxenye ka-r5000 namuhla

- JOHN HLONGWA

UZULELWA ngamanqe obeyisikhu­lu okhozini FM, njengoba uphenyo seluveze ubufakazi bokuthi impela k u nokungazip­hathi kahle emsebenzin­i akwenzile.

ILANGA Langesonto lithole emithonjen­i yalo ukuthi lesi sikhulu esingeke sisidalule igama laso ngenxa yemibandel­a yezomtheth­o, esasula isigubhuka­ne emsebenzin­i ngesikhath­i ISABC yenza uphenyo, singahle siboshwe ngenxa yobufakazi obuvelile.

Ethintwa yileli phephandab­a izolo okhulumela ISABC, uneo Momodu, ukuqinisek­isile ukuthi impela butholakel­e ubufakazi bezinto ezingalung­ile ezenziwe yilesi sikhulu, esasula emsebenzin­i ngaphambi kokuphothu­lwa kophenyo.

Uneo uqhubeke wathi ngenxa yobucayi bezinto ezitholake­le kanye nemigomo yepublic Finance Management Act (PFMA), ISABC esebenza ngaphansi kwayo, konke okutholake­le ophenyweni kuyac utshungulw­a ngokucophe­lela.

Uphinde waveza nokuthi zisaqhubek­a izingoxo zangaphaka­thi, okuyothi ngemuva kwazo bese kuthathwa izinyathel­o ezifanele. Kuzokhumbu­leka ukuthi lesi sikhulu ngesikhath­i sibuzwa ngokwesula kwaso emsebenzin­i, sathi sithathe leso sinqumo ngenxa yokuthi bekungasa sebenzeki kahle, futhi umndeni waso ungasaphep­hile. Sasabisa ngokuthi siyohlanza wonke amaqiniso esiwaziyo ngale nhlangano. Phambilini omunye wemitho-mbo yaleli phephandab­a wawuvele ushilo ukuthi ISABC ngeke lushiye lulenga - ngeke ikugqize qakala ukuthi lesi sikhulu sesesulile emsebenzin­i. Uma kunobufaka­zi obutholaka­layo bokungazip­hathi kahle, inhlangano iyothatha izinyathel­o. Nakuba ISABC ingaphumel­anga obala ngezinto ebizipheny­a okhozini, kodwa kuthiwa enye yazo wukuqhutsh­wa komkhankas­o inyus’ivolume.

 ??  ?? UMKHULUMEL­I WESABC, uneo Momodu, uthi uphenyo LWESABC luthole ubufakazi bezenzo zokungazip­hathi kahle kobeyisikh­ulu ethekwini.
UMKHULUMEL­I WESABC, uneo Momodu, uthi uphenyo LWESABC luthole ubufakazi bezenzo zokungazip­hathi kahle kobeyisikh­ulu ethekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa