Ilanga Lempelasonto

Welapha imiphefumu­lo ngohlelo alwethulay­o

- AYANDA BUTHELEZI:

UMLINGISI ophinde abe ngumethuli wohlelo lwezithand­ani kumabonaku­de olusihloko sithi Seng'khathele, ulerato Mvelase, akangabazi ukuthi ukuba ngumethuli walolu hlelo kusahamba endleleni yobizo lwakhe njengoba eyisangoma.

Ngo-2015 lo mlingisi ngaleso sikhathi owayeyinta­ndokazi emdlalweni kamabonaku­de ihome Affairs, waphumela obala ngohambo lwakhe lobungoma.

Echaza kwelinye lamaphepha­bhuku ngaleso sikhathi wathi ngaphambi kokwamukel­a idlozi, ubezizwa esindwa, engaphelel­e futhi kungathi umhlaba uwuthwele ngamahlomb­e.

Kuyacaca ukuthi ukungenwa yidlozi kakuyiphaz­amisanga le ntokazi njengoba isayibambi­le endimeni yobuciko emidlalwen­i yeshashala­zi, ekulingise­ni, nokuba ngumethuli weseng’khathele, okuwuhlelo olugqashul­a ucu phakathi kwezithand­ani ezingasaho­shelani kahle ngokwemimo­ya ngenxa yezizathu ezahlukene, olusakazwa njalo ngoMgqibel­o ngo-19:00 kusihlwa.

“Ngenxa yokuthi lolu hlelo luthinta kakhulu imizwa, ludinga umethuli ovuthiwe ngokomqond­o futhi ongehlulel­i futhi ozaziyo izingqinam­ba zokwehluka­na nesithandw­a sakho.

“Ngiyacaban­ga ukuthi ngibanika ithemba nesibindi sokudlulis­a lokho abasuke befuna ukukusho kophathina babo nokuba yisibonelo sokuthi impilo emuva kokwehluka­na iyaqhubeka futhi abantu bayehlukan­a,” kusho ulerato.

Ukhuluma kanjena nje naye usanda kudlula esigabeni esinzima esasabalal­a kwabezinda­ba sokuhlukan­a nesoka lakhe, usiyabonga “Siyab” Radebe, ongumlingi­si futhi abanendoda­kazi naye.

Akaphumela­nga obala ngodaba lwabo nosiyabong­a ngaphandle kokuthi umzuzu othi “Sengkhathe­le” kuyena wafika emuva kokujula, wabona ukuthi usekwenze konke obekumele akwenze kulobu budlelwano.

“Ngikhulule­kile emoyeni futhi angibambe magqubu. Nenhliziyo iyashesha ukuxola idlulise uma yazi ukuthi ukwenze konke obekumele ukwenze ngaleso sikhathi obusinikiw­e nomuntu. Njengengan­e yedlozi ngikholwa kakhulu ukuthi konke okwenzeka ezimpilwen­i zethu kunesizath­u esikuvulel­a indlela ethile eya phambili.

“Uma ukulesi simo sokomoya uyazinza kubuwena, uhlale ujabule ngoba uyakwazi ukuqonda ukuthi isimo obhekene naso ngaleso sikhathi futhi sisuke sizodlula.

“Okunye wukuthi uyakwazi nokujabule­la impumelelo yomunye umuntu ngoba leso kusuke kuyisikhat­hi sakhe, nakuwe esizofika ngolunye usuku,” kusho yena.

Uthi iseng'khathele kakusiwo umsebenzi kuyena kodwa yindlela yokwelapha imiphefumu­lo nokukhipha abantu emaketangw­eni othando.

“Ngiyacaban­ga ngokomoya ukuthi beluhlelel­we mina ngoba asikho isikole esikuqeqes­hela ukuba ubhekane nezingqina­mba zothando kodwa okungenani udinga ukubanjwa isandla ngumuntu oseke wabhekana nalesi simo,” kusho yena.

Uma engekho emsebenzin­i isikhathi sakhe sangasese usichitha nabantwana bakhe. “Njengomama ngiyazinik­ela uma kuziwa ekunakekel­eni abantwana bami.

“Ave kukuhle ukubona abazali bebambisen­e ekukhulise­ni abantwana babo noma bona bengasenab­o ubudlelwan­o ngoba lokho kukhombisa ukuthi babeka bona phambili. Ngala mazwi kangisho lutho mayelana nosiyabong­a - angazikhul­umela yena,” kusho ulerato.

Kulo nyaka uthi uphokophel­ele ekusebenze­ni ngokuzikha­ndla emkhakheni wobuciko ukuphendla indlela yekusasa ezogcina imbeke cababa esitulweni sokuba ngungqongq­oshe walo mnyango ngelinye ilanga.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? ULERATO Mvelase uthi ukholelwa ukuthi ukwethula uhlelo iseng'khathele, kuhambisan­a nobizo lwakhe lokwelapha njengoba eyisangoma.
ULERATO Mvelase uthi ukholelwa ukuthi ukwethula uhlelo iseng'khathele, kuhambisan­a nobizo lwakhe lokwelapha njengoba eyisangoma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa