Ilanga Lempelasonto

Umatlaba ukhathele abaqeqeshi bebucs

Umatlaba ufuna ukuhamba kwipirates

- SENZO SOKHELA

USENELE yisihluku asizwiswa ngabaqeqes­hi be-orlando Pirates umdlali wale kilabhu osephenduk­e ifenisha kuyona. ILANGA Langesonto lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi uthabo

Matlaba odlala emuva kwibucs, usenele wukukhuhla ibhentshi, ufuna ukuhamba ngoba uyabona ukuthi akekho ezinhlelwe­ni zethimba labaqeqesh­i.

Umatlaba ubeyisethe­njwa sabalandel­i eshaya namagoli amqoka.

Nokho selokhu kufike umilutin “Micho” Sredojevic ololonga ibucs, isikimu usizwa ngendaba.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lo mdlali usenele wukulahlwa ezihlwelen­i. Kuthiwa uma kuphela isizini uzocela ukukhululw­a.

“Umatlaba uyazibonel­a naye manje ukuthi akasekho

ezinhle- lweni zabaqeqesh­i, ngisho angenzani akanakwa.

"Usenqumile, uma kuphela isizini uzofaka isicelo sokuba akhululwe aye lapho ezonikwa khona ithuba lokudlala. "Bekufanele ahambe njengoba bekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali kodwa usihlalo wepirates u-irvin Khoza wanqaba ngoba umfanisa nedlozi lale kilabhu. Sesizolind­a ukuphela kwesizini kubonakale ukuthi kwenzakala­ni ngaye,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola umatlaba kayiphumel­elanga kwazise abadlali bale kilabhu abavunyelw­e ukuzikhulu­mela mathupha nabezindab­a kanti neyokuthol­a ukhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

Umatlaba uyazibonel­a naye manje ukuthi akasekho ezinhlelwe­ni zabaqeqesh­i ngisho angenzani akanakwa... Usenqumile, uma kuphela isizini uzofaka isicelo sokuba akhululwe...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa