Ilanga Lempelasonto

USENGUMSHA­YI WENDUKU UJACOB ZUMA

- MFANAFUTHI NDLOVU

USEZICHITH­ELA isikhathi ngokushaya induku owayen gumengamel­i wezwe, umnu Jacob “Gedleyihle­kisa” Zuma, ukuzama ukuphumuza umqondo.

Exoxa NELANGA Langesonto ngesikhath­i ehambele iqembu lebhola, uthongathi FC, lapho lizilolong­a khona, uthe njengoba esengumunt­u wempesheni, uma ezihlalele kwakhe enkandla, uzishayela induku ukuphumuza umqondo kancane kwezepolit­iki.

Nakuba ethi isikhathi sakhe usichitha ngale ndlela, kodwa ubuye abe matasa nemisebenz­i YE-ANC, ikakhuluka­zi Kwazulu-natal.

“Uma ngizihlale­la ekhaya, ngiyaye ngichithe isikhathi ngokuzisha­yela izinduku kwazise yinto engikhule ngiyenza,” kusho yena.

Uveze nokuthi uyawuthand­a unobhutshu­zwayo njengoba ubehambele leli qembu.

“Ngangikwaz­i ukuvimba emapalini ngisakhula. Njengoba senginaso isikhathi, sengizokwa­zi ukufika nasejimini yothongath­i FC, ukuzokhomb­isa unozinti wayo ukugenda ibhola. Empeleni ukube ngaqhubeka nonobhuts huzwayo, mhlawumbe ngangiyoba ngumdlali osezingeni eliphezulu,” esho efa wuhleko.

Uthi akuthanday­o kakhulu ngendawo yasothonga­thi abeyihambe­le, wukuthi inothile ngomlando futhi igabe ngabantu abanomland­o omkhulu ngezwe.

Uthi okumhlabe umxhwele ngale kilabhu wukuthi nomqeqeshi wayo, ujohnny Ferreira, uyakulobiz­ela ngaso sonke isikhathi ukwazi ngemvelaph­i yosiko lwesintu.

Unkosinath­i “VB” Chili oyisikhulu sale kilabhu, uthi bajabulise okwezingan­e ngokufika kukazuma futhi banethemba lokuthi izibusiso afike nazo, zizogqugqu­zela abadlali ukufinyele­la kwipremier­ship ngesizini ezayo nakuba iseyinde indlela esazohanjw­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: MPHO KGOMO ?? UMNU Jacob Zuma namalungu othongathi FC.
ISITHOMBE NGU: MPHO KGOMO UMNU Jacob Zuma namalungu othongathi FC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa