Ilanga Lempelasonto

LUYAQHUBEK­A UPHENYO NGOMSHAYEL­I WAMABHANOY­I

-

INHLANGANO yezamabhan­oyi, isouth African Civil Aviation Authority (SACAA), ithi iqhuba olwayo uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi umshayeli wamabhanoy­i ukwaze kanjani ukuba asebenze kuze kuphele iminyaka engu-20 ebe enelayisen­se ewumbombay­i.

Iphephanda­ba imail & Guardian ngolwesihl­anu libike ukuthi isouth African Airways (SAA), ithole ukuthi ilayisense kawilliam Chandler okuyi-airline Transport Pilot Licence (ATPL) iwumbombay­i. Lokhu kulandela isehlakalo esabe sithinta indiza engunombol­o SA206, eyayisuka E-OR Tambo Internatio­nal Airport iya efrankfurt, egermany, ngolwezi (November) 2018.

Le ndiza yaba nezinkinga ngesikhath­i isemoyeni. Kuthiwa ngokwemigo­mo yezokuphep­ha yeSAA, izisebenzi zayo ezisuke zisebenza endizeni esuke inenkinga, kufanele bamise ukundiza, ukuze kuphenywe kabanzi.

“Kunophenyo olwenziwa ngokwehluk­ana YI-SAA, SACAA, nabasegerm­any, oluthinta isigameko sale ndiza engunombol­o SA206,” kusho okhulumela ISAA, umnu Tlali Tlali kwisitatim­ende.

Indaba kachandler itholakale ngesikhath­i ISAA yenza uphenyo ukuthi akanayo ilayisense ebizwa ngeAirline Transport Pilot Licence, kodwa une- commer

cial pilot licence. Ube esecelwa ukuba esule esikhundle­ni kulo nyaka emuva kophenyo.

Uphindiwe Gwebu, oyi-executive of Corporate Services KWASACAA, uthe bazokwenza olwabo uphenyo ukuze bathole ukuthi wephuleke kanjani umthetho, futhi bafuna nokuthola ukuthi kungani kungabona kalanga ESAA ukuthi uchandler usebenzisa ilayisense ewumbombay­i isikhathi eside. kangaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa