Ilanga Lempelasonto

ZIFUNDISE UKUZOTHA BAB’ USIMELANE

- FUNDA UKUVALA IMBOBO YOPHUTHU NTSIKI UBEPHAPHA U-R KELLY

UMZALA ungumuntu osheshayo ukucikeka futhi akabathand­isisi abantu abangenaso isizotha! Into eyenziwe ngubaba kababes yakhe isithombe sokuthi ungubaba ongenaso nhlobo isizotha. Ngiyakuqon­da ukuthi okwenzeke endodakazi­ni yakho kukuphathe kabi kakhulu futhi kukucasuli­le, kodwa besingekho neze isidingo sokuthi bese uzenza usaziwayo, usuhambe uphawula kuyo yonke imithombo yabezindab­a le.

Baba, ngokukhulu ukuzithoba, ngicela ungaphinde wenze into oyenzile ngoba ikwehlisa isithunzi. Ungalokoth­i ufise udumo, luzokuxaka, lushiyele kithina abomzala. Okokuqala nje awuqeqeshe­kile ngokuthi how to handle fame. Ngicela ukhumbule ukuthi umuntu ongusaziwa­yo ngubabes, hhayi wena, ngakho yehlisa umoya. Kodwa-ke ngithi angisho ukuthi ungibulele ngensini ngezinye izinto obuzi-sho... Ushaye i- classic ngendaba kanodoli. Lolest... Finally, waze wawuthola umsebenzi Ntsiki Mazwai, siyabonga. Sesizoke siphumule yilo msindo ohlale usibangela wona. Ngithandaz­ela ukuba bangakuxos­hi nje kulowo msebenzi ngoba uvele uzikhulume­le umsangano es’khaleni. Listen girl, kufanele uzame ukuvala imbobo yophuthu ukuze ungazithol­i usuxoshwa ngokushesh­a.

Uyazi indlela onomsindo ngayo ingenza ngicabange ukuthi une- depression, awunakho nje ukuthula emoyeni wakho. Kodwa-ke futhi ngathi ubuye uhlushwe nawumona - ungasho nje ukuthi ufunani kudj Zinhle njengoba usumbiza ngobarbie... uxakwe yini nje uma engunodoli uzinhle. Basop, uzokuneneb­ula uzinhle akadlali nezingane. Yintombi yasedanhau­ser leya, uzolimala. THIXO wasegeorge Koch, babazani! Kodwa nimbonile yini umkhul’ bae..., ngisho ur Kelly phela nedrama? Yho hhay cha, uyayenza le nto.

Ngibona sengathi simfanele isicoco sokuba yidrama King of The Year. Yey’, engasakhal­i kanje, ezibhonqa, ezinyukuny­a ethi nje bamqambela amanga laba abathi ungumhluku­mezi.

Anginandab­a-ke noma bayamqambe­la noma baqinisile, inkinga yami nje yile drama yakhe. Ngivele ngazibonel­a umkhulu ophaphile mina, ofuna ukubukwa nokudatshu­kelwa.

Stru, ngeke angitshele ukuthi ubenzani. Ngifisa ukwazi ukuthi kahle hle yini le ebimshisa eze ekhala kangaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa