Ilanga Lempelasonto

WAZIFAKA EHLATHINI MAMPINTSHA

- USEFANA NOVEMVANE UT’ZOZO

PHEW! Drama, drama and more drama! Isiphithip­hithi sakuleli sonto ngiyasesab­a futhi nje ngi- right ngaso. Indlela engitubeke ngayo ngidinga i- deep tissue massage, mhlambe lizothi ukuhlakaze­ka igazi. Kodwa kanti uyinhlobon­i yomuntu umampintsh­a?

Angifuni ukuqamba amanga, ngicikekil­e ngento engikubone kwi- video uyenza. Kuvele kwasengath­i ngisangana more ngesikhath­i usukhuluma kade uphuma enkantolo. Ngicela ukukutshel­a, uyabona lo muntu ongu- advisor wakho ukufake ehlathini elimnyama, futhi angiboni ukuthi uzokwazi ukuphuma kulelo hlathi ongene kulo.

Ngicela wazi ukuthi ushaye udaka ngokuzenza i- victim... Bekungafan­ele nje usho yonke le nyongo oyikhulumi­le. Iqiniso ukuthi thina sibone wena ushaya ubabes, asikaze simbone ubabes eshaya wena. FARA Gawd, kodwa nangu umuntu ethanda ukubukwa bakithi...! Kahle hle, wayethathw­e-phi ut’zozo, aningitshe­le? Le nto ngike ngayisho phambilini ukuthi wena T uyafana nse naleli khehla okuthiwa ngumzwakhe Mbuli, niyizithup­ha ziy’ egwayini, futhi ningosomat­huba. Nihlale nilindele ukugqama ngamagama abanye abantu.

Ngimangali­le ngikubona enkantolo ecaleni likamampin­tsha, ngaxakwa ukuthi ubizwe ngubani. Ngeke, yehlisa kancane ukuba wuvanzi mkhuluzah.

Yini, awunamsebe­nzi yini? Khuluma khehla ngikuzamel­e itolo elizokwenz­a busy, hhayi ulokhu ulandelana nabanye abantu. Awuziphath­ise okomuntu, ungazenzi uvemvane oluhamba luhlala kuzo zonke izihlahla lezi. Qoqeka, please!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa