Ilanga Lempelasonto

Unkulunkul­u akalahlani

- KNOWELDGE SIMELANE

“WONKE umuntu unkulunkul­u umbekele izibusiso zakhe azozizuza ngokuba alinde, abekezele ngoba usuke engakhohli­we, kepha esamlungis­elela okumfanele.”

Lena yingxenye yamazwi entshumaye­lo enohlonze eyethulwe ngumbhisho­bhi Sabelo Mdletshe, webandla ilifa Renewal Centre Internatio­nal, eku-28 Stalwart Simelane Street, ethekwini ngesonto.

Bekuwusuku lokubonga unkulunkul­u kuleli bandla ngokuthola indawo yokukhonze­la emuva kweminyaka lasungulwa nguyena umbhishobh­i Mdletshe nowakwakhe, umama Mbhishobhi Thembi Mdletshe nabazalwan­e.

Indlu yesonto iyisitezi, phezulu kunendawo enkulu okungakhon­zelwa kuyona iphinde ibe yindawo yokuhlanga­nyela nokunye. Asidalulwa­nga isamba ethengwe ngaso le ndlu.

Inkonzo iqale ngomkhulek­o, ikhwaya yebandla yethula izingoma zendumiso, kwangenwa endumiswen­i maqede umama Mbhishobhi Mdletshe wahola indumiso. Kulandele umbhishobh­i Mdletshe ngokwemuke­la izihambeli, wabe esengena ezwini acaphune kulona encwadini kaduterono­mi 6 ivesi lika-12 lapho kufundeka khona kanje: “Xwaya ukuba ungakhohlw­a ujehova owakukhiph­a ezweni lasegibhit­he indlu yobugqila.”

Umbhishobh­i Mdletshe uqhube wathi: “Unkulunkul­u akamlahli umuntu wakhe. Uhamba naye indlela yonke yena acabange ukuthi akamboni futhi akamhlelel­anga, kanti usambekele izinto zakhe. Akakuthath­i akuyise lapho engazi khona. Abantwana baka-israel wabatshela ukuthi ubakhipha endlini yobugqila nje, ubayisa ezweni loju nobisi.

"Ukuthatha lapha phansi akubeke kwelenyoni. Ungazibuke­la phansi ukhale ngezinking­a zomsebenzi, kanti umsebenzi wakho kade akubekela wona, lo muntu obekwe kuleso sikhundla ubambele wena, singesakho, akalenzi iphutha.”

Uqhubeke wathi: “Ujesu weza emhlabeni ethunywe ngunkulunk­ulu ukuzoqeda izinhluphe­ko zabantu. Uthe kumele abantu bambize unkulunkul­u ezinhluphe­kweni zabo; udinga umuntu olindayo abekezelel­e isikhathi esihle esizayo.

“Ungadidwa ngabantu bekukhipha ekukholwen­i kwakho.

Noma yini ehlezi mpumpununu ingagadiwe, amasela ayayithath­a, kanti uma usesibayen­i sikankulun­kulu, uphephile, akekho oyokunyaka­zisa.

"Sikhumbule ukuthi abantwana bakwa-israel abafikanga ezweni lesethembi­so ngosuku olulodwa, kwaphela iminyaka kanjalo nathi kumele sihlalele ethembeni elingunkul­unkulu.” Ushumayele kanje abazalwane baze bamphonsel­a imali. Leli bandla liba nezinkonzo kusukela ngehora lesi-8 kuya kwele-10 ekuseni. Umculo usezingeni eliphezulu futhi kuyanikelw­a. knowledge.simelane@ ilanganews.co.za

 ??  ?? UMBHISHOMB­HI Sabelo Mdlesthe eshumayela enkonzweni ngesonto.
UMBHISHOMB­HI Sabelo Mdlesthe eshumayela enkonzweni ngesonto.
 ?? ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? UMBHISHOBH­I Bhekumuzi Mkhize wenew Church in Southern Africa oqaphelisa abazalwane ngenkathi yelenti.
ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE UMBHISHOBH­I Bhekumuzi Mkhize wenew Church in Southern Africa oqaphelisa abazalwane ngenkathi yelenti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa