Ilanga Lempelasonto

7. ISOKA LIQONYWA KAKHULU

-

UMBUZO: NGIYINTOMB­AZANE eneminyaka ewu-33, sengithand­ane nesoka lami iminyaka ewu-19 futhi sinezingan­e ezimbili. Lingumuntu oqonywa njalo bese liyakhohlw­a yimina ngaleso sikhathi lisaqonyiw­e. Nezintombi zalo zihlala zingifonel­a zingithuka, uma ngimtshela athi akahlangen­e nazo.

IMPENDULO: Angiqondi ukuthi yikuphi ngempela obheke ukuba ngikusize ngakho noma ofisa ukukuzwa kimi njengeselu­leko.

Engingakut­shela khona nje wukuthi singabantu izinqumo siyazenzel­a empilweni, umuntu uthatha isinqumo asibona simfanele.

Uma wena uzibona ufanelwe wukuba kube khona umuntu okwenza umata wakhe wokwesula izinyawo, kuyoba yisinqumo sakho lokho. Kodwa futhi uma uthatha isinqumo sokuthi ngeke ukuvumele ukuba umuntu achamele ekhanda lakho, yisinqumo sakho naleso osibona sikufanele.

Engingakus­ho nje wukuthi kimina kuzwakala sengathi uzimoshela isikhathi ngalo muntu futhi kungathi uluncengil­e wena lolu thando, yingakho lo mlisa enza kanje.

Awuhlale phansi udle amathambo engqondo, uzibuze ukuthi ngabe yini ekuhlalise kulobu budlelwane, uzibuze ukuthi uhleli ngoba ujabule na.

Uma kuwukuthi ujabule mhlawumbe kulungile ukuba uhlale, kodwa uma ungajabule, mina angisiboni isidingo sokuba uqhubeke uhlale.

* Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsApp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa