Ilanga Lempelasonto

Kunzima ukuqala kabusha empilweni kade unakho konke AMAFILIMU ABEHAMBA PHAMBILI KULELI SONTO

- ZOWAKHA MBATHA

mndeni kuphenduka amatafula ngokukhulu ukushesha uma ingasangen­i imali, nomnumzane womuzi, ukenneth ezibulala, kube wukushabal­ala kwakho konke abanakho.

Okuvelayo uma esezibulel­e wukuthi ubengene shi ezikweleti­ni, enamabhizi­nisi obumnyama. Uzama uyaphoqele­ka ukuba ayokhosela emphemeni wabesifaza­ne abangenaba­ni, kanti umphathi wawo, u-albert olingiswa ngupakamis­a, yinkunzi yesigeleke­qe, edayisa ngabo abantu besifazane futhi uyakuthoko­zela ukufika kwalo nkosikazi wesigwili.

Kwenzeka konke lokhu nje, kusele izinsukwan­a abelethe, nokugcina kwenzeka khona kuleli khaya.

Yikuwo lo mpheme okufanele alwe ngakho konke anakho ukuze aziphephis­e, elekelelwa yisisebenz­i sesilisa esimkhonzi­le nebesilokh­u simnxusa ukuba ashaye utshani kungaze konakale kakhulu izinto, adayiswe.

Nakuba ibuye idavuze ndawonye, kodwa ngiyibona izoba ngenye yamafilimu akhiqizwe kuleli azothokoze­lwa neshuthwe kahle. Ingene ngolwesihl­anu e- cinema. IMPELASONT­O edlule yokuqala kwenyanga, ishiye IWHAT MEN WANT isihleli esiqongwen­i kumafilimu abephambil­i ngokubukwa, kodwa IBOHEMIAN RHAPSODY yiyona ebisephamb­ili ngokufaka imali (R41 876 414). Imi kanjena i- top 10:

1- WHAT MEN WANT

2- THE HIDDEN WORLD: HOW TO TRAIN YOUR DRAGON 3- TYLER PERRY’S A MADEA FAMILY FUNERAL

4- LEGO MOVIE 2

5- ALITA: BATTLE ANGEL 6- THE UPSIDE

7- LITTLE ITALY

8- GREEN BOOK

9- BOHEMIAN RHAPSODY 10- PRINCESS AND THE DRAGON

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: NEWS23.COM ?? UKHANYI Mbau olingisa indawo kazama Marawa kwired Room.
ISITHOMBE: NEWS23.COM UKHANYI Mbau olingisa indawo kazama Marawa kwired Room.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa