Ukhonjwa kwibaroka obeqeqesha ibafana
UKHONJWA eqenjini eligijima kwi-absa Premiership obengumqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli ibafana Bafana. ILANGA Langesonto lihletshelwe yimithombo yalo engashayi eceleni ukuthi ibaroka FC yeshela u-ephraim “Shakes” Mashaba ( osesithombeni) oke waqeqesha ibafana Bafana.
Umashaba njengamanje ungumqeqeshi wewitbank Spurs esengcupheni yokugencwa yizembe kwinational First Division (NFD).
Ufike umkhumbi usuvele uzika njengoba le kilabhu ihaqwe yizinkinga.
Kuke kwabikwa ukuthi le kilabhu kathemba Mafu idonsa kanzima ngasezimalini kangangoba bekubuye kudlule izinyanga abadlali bengaholelwa.
Kuthiwa bese bebhuqwa nayindlala kwazise bekungekho ukudla ezindlini zokuhlala.
Selokhu kufike umashaba, kuvela ukuthi isimo sesingcono yize kusenzinyana.
Leli phephandaba lithole ukuthi umashaba angase ajoyine ibaroka FC uma kungukuthi uwedson Nyirenda akasiguquli isimo kule kilabhu ngokushesha.
Kuthiwa unyirenda unikwe imidlalo emibili ukuba ayinqobe uma kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya.
“Umashaba uvivile, kuthiwa izikhulu zale kilabhu sezike zamthinta, sekulindwe le midlalo emibili uma ehlulwe kuyona izembe lizomkhalela,” kusho umthombo.
Leli phephandaba libuza umashaba ngalolu daba uthe ubengakathintwa muntu.
“Njengamanje ngibhekene nomsebenzi wami wokuhlenga ispurs ezembeni, okunye sizokubona uma sekuphele isizini.
"Ngingajabula kakhulu ukusebenza kwipremiership kodwa okwamanje ngiselana kwispurs,” kusho umashaba.
Imizamo yokuthola ukhurishi Mphahlele ongusihlalo webaroka iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.