Ilanga Lempelasonto

Ikilabhu YEPSL izingela isitobha sechiefs

Ezimnandi kubuya abalimele enaturena

- SENZO SOKHELA

IKILABHU egijima kwiAbsa Premiershi­p yeshela isitobha sekaizer Chiefs ngenhloso yokuqinisa udonga lwayo lwasemuva.

U-eric “Tower” Mathoho odlala emuva sekunesikh­athi agcina ukubonakal­a ensimini ngenxa yokulimala.

Ulimala nje ubevele isikimu esesizwa ngendaba kule kilabhu yakwamotau­ng.

Leli phephandab­a lihletshel­we ngumthombo walo osondelene nomathoho ukuthi weshelwa yihighland­s Park engomakoti be-absa Premiershi­p.

Kuthiwa le kilabhu isezinhlel­weni zokuqinisa isi- kwati sayo sesizini ezayo.

Leli phephandab­a lishayela u-owen da Gama ongumqeqes­hi wehighland­s uthe okwamanje ngeke akwazi ukudalula abadlali ababafunay­o.

“Inkinga enkulu ebholeni lakuleli uvele umemezele ukuthi ufuna bani bese elandelwa yiwona wonke umuntu.

"Ngincamela ukukhuluma ngomdlali uma sesiqede konke naye.

"Engingakuq­inisekisa wukuthi zikhona izindawo esifuna ukuziqinis­a.

"Eyokuqala nje yisepalini, kube yisemuva bese kuba yiphambili.

"Ngethemba ukuthi sizobathol­a abadlali kulezi zindawo ngoba bakhona esesiqalil­e ukuxoxa nabo yikhona nje ukuthi ngeke ngikwazi ukubadalul­a okwamanje,” kusho uda Gama.

Imizamo yokuthola ubobby Motaung imenenja-jikelele yechiefs ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

Ichiefs imemezele ukuthi sebeqalile ukujima ngabodwa umathoho nolebohang Manyama abebeyohli­nzwa.

Umanyama obekuthiwa ngeke esadlala kule sizini, kungenzeka akhuze ibuya ngokushesh­a. Ichiefs ithi laba badlali kungenzeka baqale ukujima ngokugcwel­e emasontwen­i amabili kuya kwamathath­u.

Izimpofana ziphinde zamemezela ukuthi basebenza kanzima u-itumeleng ongunozint­i, olimele ihlombe, nohappy Mashiane olimele uzwane.

 ??  ?? UMDLALI wasemuva wekaizer Chiefs, u-eric Mathoho, okuvela ukuthi uzingelwa ngenye yamakilabh­u EPSL njengoba eselizwa indaba ijezi ezimpofane­ni.
UMDLALI wasemuva wekaizer Chiefs, u-eric Mathoho, okuvela ukuthi uzingelwa ngenye yamakilabh­u EPSL njengoba eselizwa indaba ijezi ezimpofane­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa