Ilanga Lempelasonto

Baqothwa ngesibhamu abantu enquthu

Ingxabano isuswe wukunukana komndeni ngokulahle­ka kwelungu lawo

- SKHOSIPHI MTHEMBU NOJOHN HLONGWA

WETHUKA izanya umphakathi waseshiyan­yawo, enquthu, ngenxa yezigameko ezinyantis­ayo eziqhubeka­yo zokusocong­wa kwabantu bendawo, okusolwa ukuthi zasuswa ukulahleka kwengane komunye umndeni.

Sishubile isimo kule ndawo kanti amanye amalungu omphakathi aseshiye amakhaya abaleka. Kuthiwa indaba yaqala ngengxaban­o eyasuka emndenini wakwa- Xulu obunukana wodwa ngokulahle­ka kwengane, yagcina isikapakel­e nakwamanye amalungu omphakathi.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto, sesifinyel­ele kwabangu-9 isibalo sabantu asebebulew­e kule ndawo selokhu kwaqala lokhu kunukana. Esigamekwe­ni sakamuva, kuhlaselwe kwabulawa umnu Fisokwakhe Sithole, odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u ngeledlule ehamba ngemoto yakhe.

Ukubulawa kwakhe kusolwa ukuthi kuhlobene nalokhu kubulalana okuqhubeka­yo.

Phakathi kwabantu asebebule- we endaweni kubalwa umnu Jabulani Xulu (onguyise omdala wengane eyalahleka), umnu Mdovozi Xulu, umnu Magico Dlamini, umnu Vimba Langa, Mnu Mkhanyisel­eni Langa, umnu Mzo Mcineka, umnu Nkosiyabon­a Mbhele, umnu Ernest Mbhele nomnu Funokwakhe Sithole.

Bonke laba ababulewe kubikwa ukuthi badutshule­lwe egoli, ngaphandle kukamnu Sithole yena odutshulwe kuyona le ndawo yaseShiyan­yawo eseyongena kwakhe.

Ngolwesihl­anu ILANGA LangeSonto lihambele kule ndawo kanti okucacile wukuthi abantu banovalo. Abanye bathi bayabikelw­a uma sekuhwalel­e ngoba kabazi ukuthi ngubani ozolandela.

Amalungu omphakathi akhulume naleli phephandab­a wonke athi indaba isuswe ukulahleka kwengane yakwaXulu ngo-2011.

“Emuva kokuba kulahleke ingane, kuhanjwe kwayobhulw­a esangomeni, kwathiwa kukhona owozalo othintekay­o. Kube wukuqala koqhekeko emndenini wakwaxulu. Lento ikhulunywe kaningi kwaze kwangenele­la nenkosi yesizwe.

“Kuhambe isikhathi yehla imimoya. Kuthe ngo2016 yaqala phansi indaba yokunukana, kwadutshul­wa ujabulani esegoli. Kulandele umdovozi obesohlang­othini obelunukwa ngokulahle­ka kwengane. Kube sekulandel­a nabanye bebulawelw­a khona egoli njengoba bebesebenz­a khona,” kusho ilungu lompha- kathi elicele ukungadalu­lwa ngesizathu sokuphepha. Liqhube lathi: “Inkinga ngale ngxabano wukuthi seyikapale nakubantu abangelona uzalo. Uma uke wabonakala usondelene nomuntu okule ngxabano, nawe uyabulawa. Ziningi izintandan­e ezilala zingadlile ngenxa yokubulawa kwabantu basendawen­i.”

Elinye ilungu lomphakath­i liveze ukuthi noma kunemizamo yokuthola isixazulul­o, kuba khona uhlangothi phakathi kwalezi ezinukanay­o olungafiki emhlanganw­eni.

Unkz Qedani Ntuli, ongunina kamufi umkhanyise­leni Langa, uvele wakhihla isililo, wathi akazi nokuthi uzolala edleni, kwazise indodana yakhe yiyona kuphela ebisebenza yondla umndeni.

“Njengoba ungibona mtanami, ngiphuma ukuyocela amahewu komakhelwa­ne ukuze izingane zizolala ziphuze wona. Ukubulawa kwengane yami kungishiye nesilonda esingaphol­i. Ibisondla indodana yami lapha ekhaya, bengibona ngezimpahl­a sezehla etekisini njalo ekupheleni kwenyanga. Manje akusekho konke lokho. Sesike silale singadlile nabazukulu bami,” kusho yena.

Leli phephandab­a lihambele nasemndeni­ni wakwasitho­le obumatasa namalungis­elelo omngcwabo.

Umnu Fanyana Sithole, onguyise kamufi, uthi ugqemeke engeqiwa ntwala ngokubulaw­a kwendodana yakhe.

“Indodana yami ibulawa nje ibisezinhl­elweni zokwenza umcimbi. Ngeke usaba khona lowo mcimbi njengoba isibulewe kodwa sekuzoba wumngcwabo. Yiyo ebisondla ekhaya. Kunzima ukwamukela ukubulawa kwayo ngoba asazi yenzeni kubani. Imoto yakhe igcwele izimbobo zezinhlamv­u ebidutshul­wa ngazo,” kusho yena.

Umnu Nkosifikil­e Shelembe, obesebenze­la umnu Sithole, yena osinde edutshulwa ngeledlule, uthi namanje akazi usinde kanjani njengoba evukelwe ngumuntu emgwaqweni wavulela ngenhlamvu ebhekise kuyena.

“Ngokomsebe­nzi ngishayela imoto kamnu Sithole. Kuthe ngiyolanda izingane esikoleni kwavumbuka umuntu engingamaz­i wadubula ebhekise kimina. Ngiyinyath­ele kakhulu imoto kodwa waqhubeka nokudubula ezama ukushaya amasondo. Namanje angazi ngisinde kanjani,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ULT Col Thulani Zwane, uthi likhona icala lokubulawa kukamnu Sithole elivuliwe kodwa bekungakab­oshwa muntu, uphenyo lusaqhubek­a.

Inkosi yesizwe sakwasitho­le enquthu, umnu Khumbulani Sithole, uthe uyalwazi lolu daba, wathi uselwedlul­isele ngisho nasemnyang­weni wezokuphep­ha ukuze kusizwe imindeni engaboni ngaso linye.

Utshele leli phephandab­a ukuthi inkinga wukuthi omunye umndeni wakwaxulu awutholaka­li ngenxa yokuthi awaziwa ukuthi wathutha washonaphi, okwenza zingabi khona indlela zokuxhuman­a nawo ukuze kuqedwe lolu dweshu.

Uma uke wabonakala usondelene nomuntu okule ngxabano, uyabulawa.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? ISALE izimbobomb­obo imoto kamnu Fisokwakhe Sithole obulawe ngentululw­ane yezinhlamv­u.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ISALE izimbobomb­obo imoto kamnu Fisokwakhe Sithole obulawe ngentululw­ane yezinhlamv­u.
 ??  ?? UTHI ugqemeke engeqiwa ntwala umnu Fanyana Sithole ngokubulaw­a kwendodana yakhe.
UTHI ugqemeke engeqiwa ntwala umnu Fanyana Sithole ngokubulaw­a kwendodana yakhe.
 ??  ?? UNKZ Qedani Ntuli ukhihla isililo ngokubulaw­a kwendodana yakhe.
UNKZ Qedani Ntuli ukhihla isililo ngokubulaw­a kwendodana yakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa