Baqothwa ngesibhamu abantu enquthu
Ingxabano isuswe wukunukana komndeni ngokulahleka kwelungu lawo
WETHUKA izanya umphakathi waseshiyanyawo, enquthu, ngenxa yezigameko ezinyantisayo eziqhubekayo zokusocongwa kwabantu bendawo, okusolwa ukuthi zasuswa ukulahleka kwengane komunye umndeni.
Sishubile isimo kule ndawo kanti amanye amalungu omphakathi aseshiye amakhaya abaleka. Kuthiwa indaba yaqala ngengxabano eyasuka emndenini wakwa- Xulu obunukana wodwa ngokulahleka kwengane, yagcina isikapakele nakwamanye amalungu omphakathi.
Ngokuthola KWELANGA LangeSonto, sesifinyelele kwabangu-9 isibalo sabantu asebebulewe kule ndawo selokhu kwaqala lokhu kunukana. Esigamekweni sakamuva, kuhlaselwe kwabulawa umnu Fisokwakhe Sithole, odutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngeledlule ehamba ngemoto yakhe.
Ukubulawa kwakhe kusolwa ukuthi kuhlobene nalokhu kubulalana okuqhubekayo.
Phakathi kwabantu asebebule- we endaweni kubalwa umnu Jabulani Xulu (onguyise omdala wengane eyalahleka), umnu Mdovozi Xulu, umnu Magico Dlamini, umnu Vimba Langa, Mnu Mkhanyiseleni Langa, umnu Mzo Mcineka, umnu Nkosiyabona Mbhele, umnu Ernest Mbhele nomnu Funokwakhe Sithole.
Bonke laba ababulewe kubikwa ukuthi badutshulelwe egoli, ngaphandle kukamnu Sithole yena odutshulwe kuyona le ndawo yaseShiyanyawo eseyongena kwakhe.
Ngolwesihlanu ILANGA LangeSonto lihambele kule ndawo kanti okucacile wukuthi abantu banovalo. Abanye bathi bayabikelwa uma sekuhwalele ngoba kabazi ukuthi ngubani ozolandela.
Amalungu omphakathi akhulume naleli phephandaba wonke athi indaba isuswe ukulahleka kwengane yakwaXulu ngo-2011.
“Emuva kokuba kulahleke ingane, kuhanjwe kwayobhulwa esangomeni, kwathiwa kukhona owozalo othintekayo. Kube wukuqala koqhekeko emndenini wakwaxulu. Lento ikhulunywe kaningi kwaze kwangenelela nenkosi yesizwe.
“Kuhambe isikhathi yehla imimoya. Kuthe ngo2016 yaqala phansi indaba yokunukana, kwadutshulwa ujabulani esegoli. Kulandele umdovozi obesohlangothini obelunukwa ngokulahleka kwengane. Kube sekulandela nabanye bebulawelwa khona egoli njengoba bebesebenza khona,” kusho ilungu lompha- kathi elicele ukungadalulwa ngesizathu sokuphepha. Liqhube lathi: “Inkinga ngale ngxabano wukuthi seyikapale nakubantu abangelona uzalo. Uma uke wabonakala usondelene nomuntu okule ngxabano, nawe uyabulawa. Ziningi izintandane ezilala zingadlile ngenxa yokubulawa kwabantu basendaweni.”
Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi noma kunemizamo yokuthola isixazululo, kuba khona uhlangothi phakathi kwalezi ezinukanayo olungafiki emhlanganweni.
Unkz Qedani Ntuli, ongunina kamufi umkhanyiseleni Langa, uvele wakhihla isililo, wathi akazi nokuthi uzolala edleni, kwazise indodana yakhe yiyona kuphela ebisebenza yondla umndeni.
“Njengoba ungibona mtanami, ngiphuma ukuyocela amahewu komakhelwane ukuze izingane zizolala ziphuze wona. Ukubulawa kwengane yami kungishiye nesilonda esingapholi. Ibisondla indodana yami lapha ekhaya, bengibona ngezimpahla sezehla etekisini njalo ekupheleni kwenyanga. Manje akusekho konke lokho. Sesike silale singadlile nabazukulu bami,” kusho yena.
Leli phephandaba lihambele nasemndenini wakwasithole obumatasa namalungiselelo omngcwabo.
Umnu Fanyana Sithole, onguyise kamufi, uthi ugqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kwendodana yakhe.
“Indodana yami ibulawa nje ibisezinhlelweni zokwenza umcimbi. Ngeke usaba khona lowo mcimbi njengoba isibulewe kodwa sekuzoba wumngcwabo. Yiyo ebisondla ekhaya. Kunzima ukwamukela ukubulawa kwayo ngoba asazi yenzeni kubani. Imoto yakhe igcwele izimbobo zezinhlamvu ebidutshulwa ngazo,” kusho yena.
Umnu Nkosifikile Shelembe, obesebenzela umnu Sithole, yena osinde edutshulwa ngeledlule, uthi namanje akazi usinde kanjani njengoba evukelwe ngumuntu emgwaqweni wavulela ngenhlamvu ebhekise kuyena.
“Ngokomsebenzi ngishayela imoto kamnu Sithole. Kuthe ngiyolanda izingane esikoleni kwavumbuka umuntu engingamazi wadubula ebhekise kimina. Ngiyinyathele kakhulu imoto kodwa waqhubeka nokudubula ezama ukushaya amasondo. Namanje angazi ngisinde kanjani,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ULT Col Thulani Zwane, uthi likhona icala lokubulawa kukamnu Sithole elivuliwe kodwa bekungakaboshwa muntu, uphenyo lusaqhubeka.
Inkosi yesizwe sakwasithole enquthu, umnu Khumbulani Sithole, uthe uyalwazi lolu daba, wathi uselwedlulisele ngisho nasemnyangweni wezokuphepha ukuze kusizwe imindeni engaboni ngaso linye.
Utshele leli phephandaba ukuthi inkinga wukuthi omunye umndeni wakwaxulu awutholakali ngenxa yokuthi awaziwa ukuthi wathutha washonaphi, okwenza zingabi khona indlela zokuxhumana nawo ukuze kuqedwe lolu dweshu.
Uma uke wabonakala usondelene nomuntu okule ngxabano, uyabulawa.