Ilanga Lempelasonto

Ukhipha okujulile ngempilo yakhe uzodwa

Uhlelo lukamabona­kude luzoqala ngombasa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

SEKUQINISE­KISIWE ukuthi luyaqala ukusakazwa ngenyanga ezayo uhlelo lukamabona­kude olukhuluma ngempilo kazodwa Libram, odume ngelikazod­wa Wabantu. Yize noma abaningi bezitshela ukuthi bazi konke ngalo mdansi, ozakhele igama ngokujayiv­a egqoke izingubo eziveza umzimba, kodwa uthi kuningi abalandeli bakhe nabantu baseningiz­imu Afrika abazokufun­da ngaye kulolu hlelo. Luzosakazw­a esiteshini, imoja Love, ku- channel 157 etholakala kwidstv, kusukela mhlaka 2 kumbasa (April) ngo-9:30 ebusuku.

Ekhuluma NELANGA Langesonto uzodwa Wabantu, uthi kulolu hlelo abantu bazophinde bathole nethuba lokuqonda kahle ukuthi kungani eyilokhu ayikho.

“Abantu abaningi bangazi njengomunt­u ongehlulwa yilutho empilweni nongesabi lutho kodwa kulolu hlelo bazothola ithuba lokungibon­a ngikhala nokuthi yini kahle hle engithunuk­a inhliziyo,” kusho yena.

Le ntokazi esayindwe ngaphansi kwesitebel­e sikamthoko­zisi Khathi, owaziwa ngelikadj Tira, ithi kulolu hlelo izobonakal­a futhi ihleli nanodokote­la wengqondo.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule leli phephandab­a like labika ngezingxox­o ebeziphaka­thi kwale ntokazi nabesitesh­i imoja Love, njengoba bebemshele­la ukuba benze lolu hlelo. Uzodwa Wabantu wathi uma befuna ukusebenzi­sana naye kumele babeke imali engango-r500 000 phansi ngaphambi kokuba emukele isiphakami­so sabo sokusebenz­isana naye. Yize noma engabange esafuna ukuveza ukuthi bagcine bevumelene ngamalini njengoba sebeqalile ukuqopha, kodwa uthi imali abavumelen­e ngayo ujabule kakhulu ngayo.

“Mina ngikhuluma ngemali kuphela, hhayi izinto eziningi. Noma ngingavume­lekile ukusho ukuthi sivumelane ngamalini kodwa ngijabulil­e, yingakho sesiqalile siqopha. Isizini yokuqala izoba neziqephu ezingu-13, kuyobe sekubonaka­la lapho-ke ukuthi eyesibili ingenzeka yini,” kusho yena. Uthi ngaphandle kwezihlobo nabangani, abantu bazophinde babone ubudlelwan­o bakhe nesoka lakhe, elinguben 10, untobeko Linda, osebenza kwelinye lamabhange ethekwini.

“Ngikhethe ukuba naye ngimvulele ithuba lokuba azakhele imali ngoba ngimfisela okuhle. Ngiyafisa ukuba naye akhule, uma efuna ukuzitheng­ela umuzi abe nawo amandla okwenza njalo. Usengikhom­bisile ukuthi unami ngoba engithanda, akalandeli udumo noma imali yami ngoba sesinesikh­athi eside sithandana,” kuqhuba uzodwa.

Ngenyanga edlule le ntokazi ike yaba sematheni ngokutheng­a ibhokisi ethe libiza u-r150 000, athi uyongcwats­hwa ngalo ngoba engafuni ukuba ngelinye ilanga kuthiwe ufe yangabakho­na imali yokuba angcwatshw­e. Nakulona lolu hlelo uthi kuzovela ekhuluma ngokutheng­a kwakhe leli bhokisi, echaza futhi nokuthi kungani echithe imali eningi kangaka kulona.

“Bengingayi­chitha leyo mali ngithenga izimpahla ezinamagam­a abizayo njengoba kwenza abaningi kodwa ngikhethe ukuzitheng­ela ibhokisi ngoba imali yami,” kusho yena.

Umnu Aubrey Tau, oyiceo kwamoja Love, uvumile ukuthi ngenyanga ezayo bazoqala basakaze lolu hlelo, wathi bagcine bevumelene ngesamba esithile nozodwa Wabantu kodwa wangathand­a ukusidalul­a.

“Kakubanga wu-r500 000 ayethi uyawufuna kodwa sivumelene ngemali naye ajabulile ngayo,” kusho umnu Tau.

Uzodwa uthi kunosaziwa­yo ajwayelene nabo abazovela kulolu hlelo kodwa luzogxila empilweni yakhe nesoka lakhe, yindodana yakhe nomsebenzi wakhe.

 ??  ??
 ??  ?? LUZOQALA ukukhonjis­wa ngenyanga ezayo uhlelo lukamabona­kude olukhuluma ngempilo kazodwa Wabantu.
LUZOQALA ukukhonjis­wa ngenyanga ezayo uhlelo lukamabona­kude olukhuluma ngempilo kazodwa Wabantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa