Igcokama lixoshe 'oliqhatha' nokhuzani
Lithi ubebasebenzisa ukufeza izinhloso zakhe
ISILOMO esingumculi kamaskandi sikhombe indlela imenenja yaso, esiyisola ngokuba yiphixiphixiphi nokungathembeki.
Umthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele ( osesithombeni) okuqinisekisile KWILANGA Langesonto ukuthi uyixoshile imenenja yakhe, usola umpilo Manyathi (obeyimenenja) nangokuthi nguyena obephehla ingxabano phakathi kwakhe nokhuzani Mpungose.
Igcokama nokhuzani bathathwa njengezimbangi emculweni kamaskandi, muva nje laba basematheni ngenxa yomcimbi ozoba semoses Mabhida ngomhla ka-30 kwephezulu, obizwa ngegcwalisa imoses Mabhida.
Lo mcimbi ohlelwa ngukhuzani, sekuke kwaba nezinkulumo zokuthi igcokama ngeke libe yingxenye yawo. Umthombo WELANGA Langesonto upotshozele leli phephandaba ukuthi Igcokama nomanyathi babange izinto eziningi ezahlukene osekunesikhathi ziqhubeka phakathi kwabo.
“Phakathi kwazo yindaba yokungathembeki, umcimbi kakhuzaniozoba semoses Mabhida nowakhe (umthandeni) obekumele ube ngosuku olufanayo kodwa ogcine uhlehliswa.
"Kunemali okuthiwa ithathwe ngumanyathi kwigcokama obekuthiwa ngeyokukhokhela abaculi ngomcimbi wegcokama ozoba ngonhlaba (May) e-orlando Stadium,” kusho umthombo oveze ukuthi lo mculi useziphathele yena izindaba zakhe ngoba okunye obekumnenga wukuthi umanyathi ubebuye asebenzisane nokhuzani kwezinye izinto.
Lithintwa YILANGA Langesonto igcokama mayelana nalolu daba, alingenanga ezintangeni kodwa livele lagonyuluka ngokulihlukanisile nomanyathi. Lisole umanyathi ngokuba ngusomathuba obesusa uthuthuva phakathi kwalo nokhuzani ngenhloso yokwenza imali.
“Le menenja engingeke ngiyibize ngegama ibiyishaya ngapha nangapha njengoba kimina ibisho okunye kodwa kukhuzani ikhuluma okunye. Okwayo (imenenja) bekungukwenza imali isebenzisa igama lami ngoba yazi ukuthi into enegama lami, iba nkulu futhi iyaphumelela,” kusho igcokama.
Lithi nayo indaba yokuba limataniswe nokuba yingxenye yomcimbi wasemabhida, kungenxa yayo imenenja ebifaka igama lalo ekubeni ingakaze ikhulume nayo.
“Okokuqala yona le menenja yangitshela ukuthi lo mcimbi ngowe- bakahulumeni abangenelele ekubeni kuthiwa ngowomculi othile,” kusho lo mculi. Liphinde lasola le menenja nangokuqhamuka nosuku olufanayo lomcimbi ozoba se-orlando Stadium, obelushayisana nowasemoses Mabhida.
"Yiyona le menenja eqhamuke nokuba lo mcimbi ube ngosuku olufanayo nowasemabhida, njengoba ugcine uhlehlela umhla zizine kunhlaba. Kuningi le menenja ebikwenza ukusiqhatha nokhuzani, obekuveza mina njengomuntu onochuku. Abangaziyo bayazi ukuthi angisiyena umuntu onochuku noma othanda impi, kodwa izinto ebezenziwa yile menenja bezipenda isithombe esibi ngami, yingakho ngibone kungcono ngiyixoshe,” kusho lo mculi.
Igcokama lithi okunye okukhomba ukuthi umanyathi ubebasebenzisa nokhuzani wukuthi nguyena owabatholela abaxhasi bezimpahla zokugqoka. “Nguyena ongitholele abaxhasi bakwacutty, futhi nguyena otholele ukhuzani abezimpahla zokugqoka zakwaJonathan D,” kusho igcokama ligcizelela ukuthi izinhloso zikamanyathi wukwenza inzuzo ngabo.
"Mina ngimela iqiniso futhi ngeke ngidlale ngabantu, yingakho njalo kuba yilona engilibeka phambili,” kusho yena ephetha ngokuthi kuningi angakusho okwenziwe yile menenja kodwa ngeke enabe okwamanje. Likuqinisekisile ukuthi okwamanje liziphathele izindaba zalo futhi liyakuthanda lokhu ngoba aliyena umuntu okhonze ukuphathwa ngabanye abantu ngenxa yezinhloso ababanazo ngalo mculo kamaskandi.
Umanyathi ethintwa yileli phephandaba ubuze intatheli ukuthi ikuthathaphi ukuthi akasasebenzisani negcokama. Ngemuva kokuba intatheli iphendulile ube eseyitshela ukuthi umatasa futhi kuyacaca ukuthi ayazi ifunani kuyena wabe esevala ucingo.