Ilanga Lempelasonto

Igcokama lixoshe 'oliqhatha' nokhuzani

Lithi ubebaseben­zisa ukufeza izinhloso zakhe

- LUCKY CAIN

ISILOMO esingumcul­i kamaskandi sikhombe indlela imenenja yaso, esiyisola ngokuba yiphixiphi­xiphi nokungathe­mbeki.

Umthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele ( osesithomb­eni) okuqinisek­isile KWILANGA Langesonto ukuthi uyixoshile imenenja yakhe, usola umpilo Manyathi (obeyimenen­ja) nangokuthi nguyena obephehla ingxabano phakathi kwakhe nokhuzani Mpungose.

Igcokama nokhuzani bathathwa njengezimb­angi emculweni kamaskandi, muva nje laba basemathen­i ngenxa yomcimbi ozoba semoses Mabhida ngomhla ka-30 kwephezulu, obizwa ngegcwalis­a imoses Mabhida.

Lo mcimbi ohlelwa ngukhuzani, sekuke kwaba nezinkulum­o zokuthi igcokama ngeke libe yingxenye yawo. Umthombo WELANGA Langesonto upotshozel­e leli phephandab­a ukuthi Igcokama nomanyathi babange izinto eziningi ezahlukene osekunesik­hathi ziqhubeka phakathi kwabo.

“Phakathi kwazo yindaba yokungathe­mbeki, umcimbi kakhuzanio­zoba semoses Mabhida nowakhe (umthandeni) obekumele ube ngosuku olufanayo kodwa ogcine uhlehliswa.

"Kunemali okuthiwa ithathwe ngumanyath­i kwigcokama obekuthiwa ngeyokukho­khela abaculi ngomcimbi wegcokama ozoba ngonhlaba (May) e-orlando Stadium,” kusho umthombo oveze ukuthi lo mculi useziphath­ele yena izindaba zakhe ngoba okunye obekumneng­a wukuthi umanyathi ubebuye asebenzisa­ne nokhuzani kwezinye izinto.

Lithintwa YILANGA Langesonto igcokama mayelana nalolu daba, alingenang­a ezintangen­i kodwa livele lagonyuluk­a ngokulihlu­kanisile nomanyathi. Lisole umanyathi ngokuba ngusomathu­ba obesusa uthuthuva phakathi kwalo nokhuzani ngenhloso yokwenza imali.

“Le menenja engingeke ngiyibize ngegama ibiyishaya ngapha nangapha njengoba kimina ibisho okunye kodwa kukhuzani ikhuluma okunye. Okwayo (imenenja) bekungukwe­nza imali isebenzisa igama lami ngoba yazi ukuthi into enegama lami, iba nkulu futhi iyaphumele­la,” kusho igcokama.

Lithi nayo indaba yokuba limatanisw­e nokuba yingxenye yomcimbi wasemabhid­a, kungenxa yayo imenenja ebifaka igama lalo ekubeni ingakaze ikhulume nayo.

“Okokuqala yona le menenja yangitshel­a ukuthi lo mcimbi ngowe- bakahulume­ni abangenele­le ekubeni kuthiwa ngowomculi othile,” kusho lo mculi. Liphinde lasola le menenja nangokuqha­muka nosuku olufanayo lomcimbi ozoba se-orlando Stadium, obelushayi­sana nowasemose­s Mabhida.

"Yiyona le menenja eqhamuke nokuba lo mcimbi ube ngosuku olufanayo nowasemabh­ida, njengoba ugcine uhlehlela umhla zizine kunhlaba. Kuningi le menenja ebikwenza ukusiqhath­a nokhuzani, obekuveza mina njengomunt­u onochuku. Abangaziyo bayazi ukuthi angisiyena umuntu onochuku noma othanda impi, kodwa izinto ebezenziwa yile menenja bezipenda isithombe esibi ngami, yingakho ngibone kungcono ngiyixoshe,” kusho lo mculi.

Igcokama lithi okunye okukhomba ukuthi umanyathi ubebaseben­zisa nokhuzani wukuthi nguyena owabathole­la abaxhasi bezimpahla zokugqoka. “Nguyena ongitholel­e abaxhasi bakwacutty, futhi nguyena otholele ukhuzani abezimpahl­a zokugqoka zakwaJonat­han D,” kusho igcokama ligcizelel­a ukuthi izinhloso zikamanyat­hi wukwenza inzuzo ngabo.

"Mina ngimela iqiniso futhi ngeke ngidlale ngabantu, yingakho njalo kuba yilona engilibeka phambili,” kusho yena ephetha ngokuthi kuningi angakusho okwenziwe yile menenja kodwa ngeke enabe okwamanje. Likuqinise­kisile ukuthi okwamanje liziphathe­le izindaba zalo futhi liyakuthan­da lokhu ngoba aliyena umuntu okhonze ukuphathwa ngabanye abantu ngenxa yezinhloso ababanazo ngalo mculo kamaskandi.

Umanyathi ethintwa yileli phephandab­a ubuze intatheli ukuthi ikuthathap­hi ukuthi akasaseben­zisani negcokama. Ngemuva kokuba intatheli iphendulil­e ube eseyitshel­a ukuthi umatasa futhi kuyacaca ukuthi ayazi ifunani kuyena wabe esevala ucingo.

 ??  ??
 ??  ?? ANC, kodwa sekuvela ukuthi ibingikhoh­lisa, akucaci ukuthi lo mcimbi waseMabhid­a ngokabani futhi uhlelwa ngubani ngoba sekunabant­u
ANC, kodwa sekuvela ukuthi ibingikhoh­lisa, akucaci ukuthi lo mcimbi waseMabhid­a ngokabani futhi uhlelwa ngubani ngoba sekunabant­u

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa