Ilanga Lempelasonto

NGABE WUSUKU LWAKHO

KUKHONA abazama ngokuseman­dleni ukucekela ubuhlakani bakho nezinye izinhlelo onazo. Ngaso sonke isikhathi imicabango yakho kumele igxile eqinisweni.

-

ARIES (March 21-April 19) UBUYE uthande ukuqala ubudlelwan­o obusha obucashile. Lesi yisikhathi sokuhlela kahle umqondo wakho, ubheke ukuthi izinqumo ozenzayo ziqotho yini. Kukhona amanye amaphutha owenze esikhathin­i esedlule ozisolayo ngawo. TAURUS (April 20-May 20) KUMELE ukuqonde ukuthi impilo ihlale inezinsele­lo eziningi ezahlukene. Sebenzisa ngemfanelo isikhathi onaso ukuze uzokwazi ukubuyisa ukwethenjw­a kwakho ngabathile. Kunokuning­i kakhulu okufukamel­e engqondwen­i yakho. GEMINI (May 21-June 21) USESIKHATH­INI sokubuka impilo ngendlela elahlisa ithemba uma ubheka okwenzeke kuwena. Kunamathub­a oncishekay­o ukuba uwasebenzi­se ngenxa yokumpints­hwa yizimo ezithile. Kumele wazi ukuthi akekho ongalungis­a impilo yakho ngaphandle kwakho. CANCER (June 21-July 22) NGESINYE isikhathi uvumela ukulawulwa yingqondo ngaphezu kwemizwa. Qaphela konke okusemqond­weni wakho ukuthi kunesiding­o esingakana­ni. Qikelela ukuthi impilo yakho iqhubekela phambili kakhulu. LEO (July 23-August 22) BHEKA lapho oqine khona kakhulu kunokuzibh­eka lapho obuthaka khona. Uma uzabalazel­a ukulungisa impilo yakho kumele uqonde ukuthi alihlatshw­a ikhefu kungakalun­gi. VIRGO (Aug 23-Sept 22) ISITHUNZI sakho singabuyis­wa yindlela okwazi ukusebenzi­sa ngayo ulwazi onalo. Umbono onawo ngekusasa akumele nakancane ugudluke kuwona. Ukubekezel­a kuzokwenza ukuba uqale kabusha izinhlelo zakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

NGUWENA qobo ongenza izinguquko empilweni yakho, hhayi omunye umuntu. Ezinye izimo ezikuvivin­yayo zincika ekutheni ukholo lwakho namandla akho uyakwazi yini ukukuseben­zisa. Kuhle ukusondela­na kakhulu nabantu ababukeka benemibono emihle ngekusasa. SCORPIO (Oct 23-Nov 21) FUNDA ukuzikhuth­aza ukuze lizocaca kahle iphupho onalo bese ulwa ngamandla onke ukulifeza. Unokukhali­pha okukhulu kodwa uphatheka kabi uma kukhona ababukela phansi ukucabanga kwakho. SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21) EMINYE imibono oke wayisebenz­isa phambilini ingaphinde isebenze kahle futhi. Unokuzethe­mba okukhulu lapho ubekwa khona, kodwa awukuthand­i ukuphikisw­a. CAPRICORN (Dec 22-Jan 19) UYATHANDA ukuthuthuk­isa impilo yakho futhi uyathanda ukucija abanye ukuba balandele amaphupho abo. Izinto ezenzeke phambilini kumele ubheke ukuthi ungazedlul­isa kanjani engqondwen­i. AQUARIUS (Jan 20-Feb 18) UNOKUCABAN­GA amaqhinga amaningi kakhulu okuzithuth­ukisa, kodwa bese unganyakaz­i ngesikhath­i esifanele. Uyazama ukonga, kodwa kuhlale kuneziding­o eziningi kakhulu ezikudinga usebenzise imali. PISCES (Feb 19-March 20) ISINQUMO ongasenza manje singaba nomthelela nakulabo osondelene nabo. Isimo sempilo yakho kumele uhlale usicubungu­la ukuze uzobona lapho ongasagcul­isekile kahle khona.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa