UKHALA NGESHOBOLO UNOZINTI WE-KINGS
UVEZA into edlisela ireal Kings egijima kwinational First Division (NFD) umdlali wale kilabhu esengcupheni yokugengcwa yizembe.
Ikings izobhekana necape Umoya United kowenfd namuhla ngesonto ngo-15h30 e-athlone Stadium, ekapa.
Lo mdlalo umqoka kuwona womabili lamakilabhu njengoba esengcupheni yokugencwa yizembe.
Ikings okungenye yamakilabhu amele ikwazulu Natal kulesi sigaba, ibambe ibhuleki emsileni we- log.
Udumisani Msibi ongunozinti wekings ekhuluma naleli phephandaba ngaphambi kokuba balibhekise ekapa uveze into akholwa wukuthi iyona eyenza le kilabhu iphikwe yimiphumela.
“Okokuqala nje engifuna ukukuthembisa abantu bakwazulu Natali wukuthi le kilabhu ngeke ize igengcwe yizembe, lokho angikungabazi.
"Ngendlela imimoya ephezulu ngayo kubadlali nobumbano nje ngaphakathi ekhempini kwenza singabi navalo lwezembe.
"Into nje engingathi iyona ebulala ikilabhu yethu wukungaqondani kwezinto.
"Izinto zethu aziqondani angazi ukuthi silandelwa yibhadi elinjani.
"Bheka nje emdlalweni wethu owedlule besihamba phambili ngo-2-1 kwistellenbosch umdlalo wavele wamiswa ngenxa yesimo sezulu.
"Nasemidlalweni yethu eyedlule besikwenza konke kodwa siphikwe ngamagoli.
"Kunemidlalo eminingi okufanele ngabe besiyinqoba kodwa kungenzeki, ukuthi kanjani nami angazi.
"Kodwa-ke konke lokho kufanele sikubeke eceleni ngoba inhlansi yethemba ikhona siyakubona kancane ukukhanya,” kusho umsibi.
Uthi lo mdlalo ufana nowamanqamu kubona ngoba bawadinga ephelele amaphuzu.
Imidlalo YENFD isiyonke namuhla ngesonto iqhathwe kanje:
Eboland Stadium: Ubuntu Cape Town vs University of Pretoria 15h30.
E-athlone Stadium: Cape Umoya United vs Real Kings 15h30.
Emakhulong Stadium: Jomo Cosmos vs Uthongathi 15h30.