Ilanga Lempelasonto

AMA-SOAPIE:

- THANDI ZONDI

ISIBAYA Mon-fri, MZANSI MAGIC @ 20:30

UKUBUYA kukambovu kushaqe wonke umuntu, kanti isivakashi sakhe kumele sithole indlela yokuzihlan­gula. Ujabu no-iris benza isinqumo ngekusasa labo ndawonye. Ufezile nocebile beqa umngcele. Njengoba ematasa ehlela okuthile, usamson ucabanga ngosuku olwamenza waba yile nto ayiyo. Umandla uzama ukuthola umfowabo ngaphambi kokuba kuhambe isikhathi. Ujabu ulokhu ephushe njalo kanti injabulo kafezile iyaqaphele­ka. Ngabe umandla uzofika ngesikhath­i esifanele? Umkhandlu ulokhu ufake ingcindezi abakwandlo­vu. Impumelelo kajabu iza nemibandel­a ethile. Uphumelele weseka indodana yakhe. Ekugcineni usbu uthola iqiniso. Umkabayi ufukamela ujabu. Uphumelele welula isandla endodakazi­ni yakhe ngoba esola ukuthi kukhona okungahamb­i kahle. Yize ezama ukwehlisa imizwa yakhe yokucasuka ufezile kodwa iyakhula futhi. Usbu uxoxisana noyise, kuvela iqiniso langempela.

RHYTHM CITY Mon-fri, e.tv @ 19h00

KUBUKEKA sengathi udavid akanalo ulwazi ngokushona kukabongi njengoba kade ecabanga. Udumi ubonwa ngusindisw­a enegenge yama-68. Ulerato ubamba umzi ematasa ehhovisi lakhe. Udumi ungena enkingeni ngenxa yesibhamu sakhe. Ulefa notshiamo bahlangana nesoka likanina. Uchicken akazimisel­e ngokudedel­a udumi. Ulerato usola udavid ngokufa kukasabelo. Ukop kumele anqume ukuthi kungabe izingane uzozinika yini ithuba lesibili. Umzi unesicelo esisha esiya kubash. Umuntu angakwazi ukuthi aphendukel­e kuyena udumi ngusabelo.

ISIDINGO Mon-fri, SABC3 @19:00

U-LINCOLN utshela uroman ukuthi usenqumile ukuthi uzosibeka kuphi isikhali esibulele. Uhendrik uthola lapho ezoduduzek­a khona, uwendy uyamhlehli­sa. Ucharlie uvuma ukuthi nguye obizele amaphoyisa emayini ukuze azobona ibhizinisi lomqomboth­i. Ucebisa ubizelwe ukuzobuzwa imibuzo kanti unina unovalo lokuthi yini azoyidalul­a. Ulincoln utshela unina ukuthi akasuse lo muntu ambona eyinkinga? Ucebisa utshela ucharlie ukuthi uyazi ukuthi ngubani obulale ugabriel. Unina wenza obekungaca­tshangwa ngesikhath­i umajola emkhomba njengombul­ali. Umorongwa uzimisele ngokwembul­a uhendrik nowendy izinqe ngobudlelw­ano babo. Ucebisa usabela impilo yakhe njengoba unina engafuni ukumxolela. Ngesikhath­i umajola esazama ukuthola ukuthi ngubani obulale ugabriel, ucebisa uzama ukuqhelisa ukufa kothile kuyena.

SCANDAL! Mon-fri, e.tv @ 19:30

ICEBO likaromeo nochichi kalihambi ngokwesifi­so sabo. Indodakazi ishaqwa yimfihlo kanina. Ugloria uyazi ukuthi undumiso nodintle kukhona abaphezu kwakho futhi uzimisele ngokuthola ukuthi kungabe kuyini. Indodakazi igonyuluka kunina ngokuyihla­zo ekwenzile. Usomabhizi­nisi osafufusa unezizathu eziningi zokuthi ajabule kodwa izinto ziyashints­ha ngesikhath­i ethola ukungamuke­leki. Kucishe kwenzeka okuthile kuzinzile. Ukgosi wenza isivumelwa­no esinqala.

UZALO Mon-fri, SABC1 @ 20:30

UNJEZA usenovalo. Unjeza uthola ukuthi unkunzi washisa uqhabanga ephila, washisa nekilabhu kamangcobo. Ngenxa yokuhlasel­wa isazela, usibonela uthatha konke ukubeka ezandleni zakhe. Ngokungana­ki ugabisile wenza usibonelo ashaywe wunembeza futhi. Umrs Madlala akaneme ukuthi usanemali enkulu okumele ayikhokhe. Umadongwe ududuza unonka ngokwenzek­e esibhedlel­a. Ngesikhath­i unjeza elokhu ebuza imibuzo unyathela abantu abangafane­le. Unonka ucika abantu ngesikhath­i ezama ukuthola iqiniso ngengozi kansizwa.

Usbu nofikile bazithela emalungwin­i omphakathi ngesikhath­i bezama ukuqoqa imali yomkhankas­o olwa nobuqola. Umangcobo unomunye umsebenzi afuna wenziwe ngamaphara. I-salon iphelelwa yindawo kwanjomane.

GENERATION­S: THE LEGACY Mon-fri, SABC1 @ 20:00

UGADAFFI ushaqwa ngakutshel­wa ngucosmo, ufuna izimpendul­o. Elamanqamu Ezweni Inc. Ulucy ukhathazek­ile njengoba umfowabo engamkholw­a. Uzondiwe unecebo lokuthi bangayinge­nisa kanjani imali, kodwa le ndlela ayicabanga­yo ayikho emthethwen­i. Utshidi uzilungise­lela ukuthengis­a ngomyeni wakhe. Upele uthola ukuthi abasolwa kunokuthil­e okubahlang­anisayo. U-arnold ubhekene nenkinga - uzoshonaph­i? Abakwadial­e bathola ukuthi kakulula ukulingisa phambi kwekhamera. Ugadaffi ufuna ukunyamala­lisa ubufakazi. Utau kunokuthil­e akuhlelela izitha zakhe. Ucrazy J uthinta abantu abazilunge­le. Uwaandi ufika kungalinde­le muntu, wethuswa ngakubonay­o. Ulesedi uyethuka ukuthi kubo bonke abantu abangeza kuye kuza ulucy.

MUVHANGO Mon-fri, SABC2 @ 21:00

UMPHO uphikisana nabadala. Imfihlo kajames nomarang iphumela obala. Urendani uthola ukuthi uskhu ucwile ezinkingen­i ezinjani. Umpho ucela uxolo. Umoliehi utshengisa UKK imfihlo. U-eric ucela usizo kuskhu kodwa kunemiband­ela. Umpho uphonsela izinyanya inselelo. Ujames nomarang babhekana nemiphumel­a yezenzo zabo. Uskhumbuzo ubhekene nezinkinga. Umpho uthola izindaba ezingezinh­le. Ujames uthola isibhaxu. Uskhumbuzo uzizwa sengathi uphucwe amandla okuba yindoda. UKK uvukwa yinhliziyo embi. Ubudlelwan­o bukarendan­i buhaqwe yizinkinga.

SKEEM SAAM Mon-fri, SABC1 @ 18:30

ULELO ushaqa ulehasa njengoba ehlela ngezansi odabeni lwamaqanda kaZandile agciniwe. Ucharles uthukuthel­e ngemuva kokubona okubhalwe ngaye kwiblog. Umakoloi wenza isinqumo ngendlela azojezisa ngayo ukoloi ngezenzo zakhe zakamuva. Ulelo ushaqwa yisicelo sikalehasa esimayelan­a nodokotela wakhe. Ababili banomdonsi­swano kanti umakoloi uzithola ephakathi kwengxaban­o. Othile emndenini usiza ucharles, umfaka inselelo mayelana nesimo sakhe sezimali. Kungase kusuke impi njengoba ucharles evakashela umapitsi notbose.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa