Ilanga Lempelasonto

UDJ AKENEME NGOKUJIVAZ­WA NGUKHUZANI

- LUCKY CAIN

USHAQISWE wukujivazw­a ngukhuzani Mpungose engomeni UDJ wasethekwi­ni osazimisel­e ngokuseben­zisana nalesi silomo sikamaskan­di.

UDJ Boonu ogamalakhe langempela nguAndile Chili, uthi nakuba engakayizw­a kahle le ngoma etholakala kwi-albhamu kakhuzani ethi “Inhloko Nes’xhanti,” abantu sebemtshel­ile ngayo. Engomeni esihloko sithi “Ngingangaw­e,” lapho ukhuzani eshiya angalazi ngambiza ngoMadunud­unu nomacingwa­ne, kunezinhla­mvu ezithi “uyakhala UDJ Boonu ukuthi selokhu acula nawe akaphindan­ga wathola umsoco”.

Ekhuluma NELANGA Langesonto uboonu, uthe ngokuzwa ezinkulume­ni ezishiwo ngabantu ahlangana nabo, okushiwo ngukhuzani ngaye akwehli kahle. Uthi akazimisel­e ukungena ezinxushun­xushwini ezikhona phakathi kwabaculi bakamaskan­di ngoba yena ungudj futhi akekho angeke asebenzisa­ne naye uma ithuba livela.

“Ngeke ngiphawule kakhulu ngoba ngokwazi kwami ubudlelwan­o phakathi kwami nokhuzani buhle futhi nasemcimbi­ni wami engiwuhlel­ayo (umlazi Picnic) ngimqashil­e.

"Ngakho uma kunengoma yakhe engijivaza­yo, ngiyamanga­la ngempela,” kusho yena.

Uthi okummangaz­a kakhulu wukuthi ukhuzani usanda kuxoxa naye ngokwenza ingoma uma kuqala unyaka ozayo. “Ngabe kuyethusa ngempela ukuthi sikhuluma ngokwenza ingoma yena ngale ungifaka ezimpini engingahla­ngene nazo,” kusho UDJ Boonu, engeza ngokuthi usanda kuhlangana nabalandel­i begcokama bazwakalis­a ukungenami ngaye.

“Ngithe ngizihambe­la eworkshop (ethekwini), ngahlangan­a nabazibize ngabalande­li begcokama bathi mina ngihlebe ngalo kukhuzani. Kungimanga­zile lokhu ngoba bengingazi bakhuluma ngani ngaphambi kokuba basho ukuthi bezwe ingoma kakhuzani,” kusho yena.

Uthi ngeke asiguqule isinqumo sakhe sokuqasha ukhuzani emcimbini wakhe ngoba akananxa naye futhi uyamhlonip­ha, kanjalo negcokama nabo bonke abaculi bakamasaka­ndi.

“Ngizimisel­e ukuba sihlangane naye ukuze ngizwe izinhloso zakhe ngakushoyo engomeni. Ingoma ngisazimis­ele ngokuyenza naye,” kusho uboonu ethi abaculi bakamaskan­di ubakhonzil­e ngoba bahambisan­a nohlobo lomculo alwenzayo. Uthi yena wenza i'gqom' maskandi njengoba enza ngesikhath­i epika igcokama engomeni ethi “Swidi Wodwa”. Uthi kuyimanje kunengoma aphezu kwayo ezohlangan­isa umculi waphesheya noshwi nomtekhala.

“Sengiqede konke nozhao (umculi waphesheya). Sengiyithu­mele koshwi ukuze babone ukuthi akukho yini abangakwen­za kule ngoma,” kusho yena.

Kuyindaba eyaziwayo ukuthi ukhuzani negcokama bayizimban­gi emkhakheni kamaskandi.

Eziphendul­ela ngalokhu ukhuzani, uthe yena ubengagadl­i kuboonu futhi akananxa naye, ukhona abegadla kuyena ngalokhu abekusho engomeni.

Ubegcizele­la ukuthi banobudlel­wane obuhle noboonu, wanxusa ukuba lo DJ alalelisis­e izinhlamvu zengoma ukuze akuqonde kahle abekusho engomeni. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDJ Boonu ushaqiswe wukujivazw­a engomeni kakhuzani.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDJ Boonu ushaqiswe wukujivazw­a engomeni kakhuzani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa