Ilanga Lempelasonto

INDAYI HOMECOMING NGEKE YENZEKE KULO NYAKA

- JOHN HLONGWA

NGEKE ube khona kulo nyaka omunye wemicimbi yobumnandi yaminyaka yonke ngesikhath­i samaholide kazibandle­la (December), indayi Homecoming Festival, obuba sendwedwe, enkundleni yemidlalo kwanombika.

Lo mcimbi uke waxhaswa wukhozi, kanti kusukela uqala iphephanda­ba ILANGA beliyingxe­nye yawo, futhi uxhaswe wumasipala wasendwedw­e. Usuwenzeke iminyaka emithathu kusukela ngo-2016.

Ukungabikh­ona kwalo mcimbi kulo nyaka, kuqiniseki­swe nangumsugu­li wawo, uhlangulan­i Msomi, esitatimen­deni asifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ebikela abalandeli bawo (umcimbi).

Kulesi sitatimend­e asikhiphe ngaphansi kwenkampan­i yakhe, Indayi Communicat­ions, uthe akubanga yisinqumo abafinyele­le kalula kusona. Uthe basithathe ngemuva kokungabon­i ngaso linye nabaxhasi abakhulu. Ube esebonga kubona bonke ababesekil­e, nakubaxhas­i.

Ethintwa YILANGA Langesonto umsomi, uvumile ukuthi impela umcimbi awusekho ngenxa yokuthi kukhona izinto abangavume­lananga ngazo nomasipala wasendwedw­e, obekuyiwon­a umxhasi omkhulu womcimbi.

Uthembise ukuthi kungenzeka umcimbi ubuye ngonyaka olandelayo uma kuvela abaxhasi abawuthand­ayo umbono wendayi.

Udisco Khuzwayo, ongumqondi­si we-economic Developmen­t kulo masipala, uvumile ukuthi kuphelile ukusebenzi­sana phakathi kwabo nendayi Communicat­ions.

“Inkinga ebesibheke­ne nayo wukuthi umcwaningi mabhuku ubesithola sinephutha ngokuxhasa indayi ngesizathu sokuthi kayikho into ethinta igama likamasipa­la. Njengamanj­e sinomcimbi esizihlele­la wona kamasipala ozoba ngomhla ka-22 kuzibandle­la, obizwa ngokuthi yindwedwe Music Festival, ozokwenzel­wa ensuze Sports Ground.

“Sizoqoka inkampani ezowengame­la njengoba besikhiphe isikhangis­i. Silindele kube nenqwaba yabaculi,” kuphetha yena.

hlongwaj@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa