Ilanga Lempelasonto

Unyawo olwehlukil­e kwinyus' ivolume

- SANDILE MAKHOBA NCALANE

UMCIMBI waminyaka yonke wokhozi FM, ILANGA Langesonto ebelibike ngawo ukuthi izinhlelo zawo zakulo nyaka zibukeka zicikizela, sekuqinise­kisiwe ukuthi uzoba khona. Nokho okucacayo wukuthi uhlelo lwawo aluzukufan­a nolwangemi­nye iminyaka edlule.

Okhulumela ISABC, ummoni Seapolelo, utshele ILANGA Langesonto ukuthi izinhlelo zomcimbi inyus’ivolume ziyaqhubek­a. Ngolwesine kuleli sonto izinhlelo zalo mcimbi zethulwe emthonjane­ni Sports Centre, emelmoth. Umcimbi uzoqala ngolwesine mhla ka-12 usongwe mhla ka-15 kwephezulu kuyona le ndawo.

Okwehlukil­e kulokhu wukuthi inyus’ivolume izokwenzel­wa emelmoth kuphela, kanti phambilini ibiyenzelw­a ezindaweni ezahlukene. Kubikwa ukuthi umcimbi uzovulwa ngomkhulek­o womama ngolwesine, kanti ududu Khoza ( osesithomb­eni) uzobe esakazela khona lapha bukhona. Ngosuku olulandela­yo kuzoba nohambo luka-5km okuhloswe ngalo ukulwa nokubulawa kwabesifaz­ane nezingane.

Kuzophinde kube nemidlalo eyahlukene, kanti ngomgqibel­o kuzokuba nedili lomculo okuzonandi­sa kulona abaculi abahlukene. Umcimbi uzosongwa ngenkonzo ezokuba ngesonto, lapho usbu Buthelezi ezosakaza bukhoma uhlelo lwendumiso.

Ukhozi luzosakaze­la kule ndawo ngesikhath­i kuqhubeka lo mcimbi. Usibongink­osi Biyela oyimeya yasemthonj­aneni, uthe bajabule ngokuthi ukhozi luphinde lwabanika ithuba lokusingat­ha lo mcimbi.

Unkz Sbongi Ngcobo, ongumphath­i siteshi obambile wokhozi, uthe Inyus’ivolume ibalulekil­e kubalaleli balo msakazo ngoba bathola ithuba lokuzibone­la bukhoma abasakazi ababathand­ayo.

Phakathi kwabasakaz­i abebehambe­le umcimbi wangolwesi­ne, u-irvin Sihlophe, unonhlanhl­a “Mdonso” Ngcobo, uphindi P onekhono lokucula.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa