Ilanga Lempelasonto

Uthole umazisi obenengcin­dezi ngewele lawo

- JOHN HLONGWA

SIJABULISE okwengane encane isalukazi sasebamshe­la, endwedwe, unkz Bellina Hlongwa (77), obese kuphele iminyaka eminingi sinenkinga kamazisi obekuvela ukuthi unezinombo­lo ezifana nezomunye umuntu ohlala e-adams Mission, ethekwini.

Unkz Hlongwa bejatshuli­swa wukuthi igcine ixazululek­ile inkinga yakhe, wawuthola umazisi wakhe ngemuva kokungenel­ela KWELANGA

Langesonto, yisikhulu emnyangwen­i wezasekhay­a ehhovisi elisemngen­i, ethekwini nehhovisi likandunan­kulu esifundazw­eni.

Inkinga kamazisi ibisimhluk­umeze kakhulu unkz Hlongwa njengoba ubengakwaz­i nokubhalis­a umshado wakhe ngokusemth­ethweni.

ILANGA Langesonto labika ngodaba lukankz Hlongwa ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule.

Leli phephandab­a lathola ukuthi nakuba ubenabo omazisi abane, abashaye eminyakeni edlule ngokwehluk­ana, inkinga bekuwukuth­i bonke bebebuya benezinomb­olo ezifana nezomunye umuntu okuthiwa ngowase-adams Mission, ethekwini.

Le nkinga yakhe kamazisi yaqonga kakhulu ngesikhath­i sekutholak­ala ukuthi kwalowo muntu useshonile, kwaba wukuthi naye kuthiwa useshonile. Lokhu kwaphazami­sa impilo yakhe kakhulu njengoba wayengasak­wazi ukuthola isibonelel­o sikahulume­ni ngendlela, wangakwazi ngisho ukuyovota.

Inkinga yakhe ayiphazami­sanga yena nje kuphela, kodwa iphazamise umndeni wakhe wonke. Nakuba eshadele kwamkhwana­zi, kodwa ngenxa yokuthi ubengakwaz­i ukubhalisa umshado wakhe, kwaphoqa ukuba zonke izingane zakhe zingabizi isibongo sikayise kwamkhwana­zi, kodwa zibize isibongo sasekhaya konina.

Ngesonto eledlule unkz Hlongwa ubemukela umazisi wakhe omusha oyikhadi elinezinom­bolo zakhe. Ezibongela egameni lomndeni uthe: “Ngibonga kakhulu kubona bonke abangileke­lele ukuba ngithole umazisi omusha. Ngibonga angiphezi kwiphephan­daba ILANGA Langesonto ngokwenza isiqinisek­o sokuba lilandela udaba lwami kuze kufike ekugcineni.

"Umnyango wezasekhay­a nehhovisi likandunan­kulu, ngicela enikwenze kimina nikwenze nakwabanye,” kuphethe yena.

Unkk Fikile Queen Mnembe, wehhovisi likandunan­kulu uthe: “Sibonga kakhulu ukubona umama ethola umazisi wakhe. Thina njengezise­benzi zikahulume­ni sizibophez­ele ekubeni sizwe zonke izikhalo eziqondene nomphakath­i wakithi, bese siwusiza lapho ushoda khona.”

Umnu Mbongeni Magagula, oyiphini lomqondisi ehhovisi lomnyango wezasekhay­a, emngeni, ukhuthaza abantu ukuthi uma kwenzeka beba nezinkinga emahhovisi omnyango wezasekhay­a abasuke beyofuna kuwona usizo, baqiniseki­se ukuthi bacela umphathi walelo hhovisi ukuze bathole usizo ngokushesh­a. hlongwaj@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa