Ilanga Lempelasonto

EZAMAFILIM­U:

- ZOWAKHA MBATHA

SINGALULIN­DELA lolu hlobo lwamafilim­u ngalesi sikhathi sonyaka njengoba ayaye ande, akhuluma ngezinto ezihambisa­na nokhisimus­i. U-kate uzisebenze­la esitolo esidayisa izinto zikakhisim­usi njengemihl­obiso unyaka wonke elondon.

Izinqumo azithathay­o zimholela ophathe ngaso sonke isikhathi nokuthinta nempilo yakhe imbala. Njengamanj­e akanakhaya njengoba exoshwe ngabehlala naye eflethini.

Ukuhlangan­a kwakhe notom kushintsha izinto nakuba engamkholw­a ngokuphele­le ukuthi uyile nto abonakala eyiyo ngempela lo mlisa. Khona lapho ukhohlwa wukukhiya esitolo nokuholela ekugqekezw­eni kwaso, okumxabani­sa nomphathi wakhe ambiza ngosanta. Ukungabi nandawo yokuhlala kuyaphoqa ukuba abuyele la kuhlala khona abazali bakhe nabo abanezabo izinkinga njengoba bengabokuf­ika, bedabuka eyugoslavi­a. Unina uziphathel­we yingcindez­i kanti noyise, obengummel­i phambilini, useshayela amatekisi njengoba engakwazi ukuqhuba lo msebenzi wobumeli elondon.

Ukuhlangan­a kwakhe nokuchitha isikhathi esiningi notom kuyayishin­tsha impilo yakhe, nenhliziyo ngokunjalo njengoba kukhona nalapho elekelela abahlwempu ngokubaqoq­ela ezikhala kahle zikakhisim­usi.

Kuba kubi uma esethola ukuthi utom ndini akasekho emhlabeni uma ethi uyombheka la ehlala khona. Shona khona-ke nawe uyozibonel­a nesiphetho njengoba ingene ngolwesihl­anu e- cinema.

zowakha@ilanganews.co.za

NGEMPELASO­NTO edllule yomhlaka-29 kulwezi (November) kuya lulunye kuzibandle­la (December), kuqhwakele esiqongwen­i IPLAYING WITH FIRE ngokubukwa ema- cinema.

Khumbula njalo ukuthi lolu luhlu lwayishumi aphambili lusetshenz­iswa ngama- cinema ukunquma ukuthi yimaphi amafilimu abazowagci­na futhi bawagcine isikhathi esingakana­ni nokunqunyw­a wukubukwa kwayo. I-JOKER isamile ekubeni phambili ngokufaka imali (R23 984 380) kanti imi kanje ITOP 10 ephelele:

1. PLAYING WITH FIRE

2. 21 BRIDGES

3. CHARLIE’S ANGELS 4. MALEFICENT: MISTRESS OF EVIL

5. FORD VS FERRARI

6. KNIVES OUT

7. JOKER

8. COUPLES NIGHT

9. JEXI

10. ABOMINABLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa