Ilanga Lempelasonto

ABE-KWAITO BETHULE OWOKUDODIS­A INTSHA

- LUCKY CAIN

IQEMBU lomculo we-kwaito elaziwa ngoshakes nosingil, lethule umkhankaso wokudodisa abafana abasebanca­ne.

Leli qembu elinamalun­gu ayizelaman­i lethule lo mkhankaso, obizwa ngeboyz To Men, ngokubambi­sana nesanlam Centre Empangeni, isivanada World Peace Foundation NESAPS. Ekhuluma NELANGA Lange

Sonto, ushakes uthe bakhethe ukuqala umkhankaso walolu hlobo ngenxa yokubona kwanda isihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kuleli. Uthe balandela isisho esithi ugotshwa usemanzi.

“Izigameko eziningi zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane zigilwa ngabesilis­a asebekhuli­le. Okusifikel­e thina wukuthi kungenzeka ukuthi laba abesilisa abagila lo mkhuba abakuthola­nga ukudodiswa ngendlela efanele besakhula. Ngokuqala lo mkhankaso sisiza isizukulwa­ne esizayo,” kusho ushakes.

Uthi imizi eminingi kuleli yehlukene kangangoku­ba ezinye izingane zikhuliswa ngaphandle koyise.

“Ngalo mkhankaso sizoba yisibonelo futhi sikwazi nokubiza abesilisa abaqotho ukuba bazokhulum­a nabafana ngendlela okumele babaphathe ngayo abesifazan­e,” kusho yena.

Uthe nakuba lo mkhankaso bewethula empangeni kodwa bazimisele ukuba usabalale, besebenzis­ana namanye amaciko ahlukene ngokuhambe­la izikole, bethula izinkulumo kwesinye isikhathi baze babathathe abafana abancane baye nabo enkambini yokubadodi­sa.

Uqhube ngokuthi lo mkhankaso uzoqala ngonyaka ozayo uma sekuvulwa izikole njengoba bezimisele ukusebenza nezikole ezahlukene. Ushakes nosingil banenkampa­ni, igalawela Music Production­s, kanti basanda kukhipha ingoma ngokuhlang­anyela nodanger wodumo lwebig NUZ esihloko sithi, “Khon’intengibam­bile”.

 ??  ?? IQEMBU lomculo we-kwaito, ushakes nosingil, lethule umkhankaso obizwa ngeboyz to Men wokudodisa abafana.
IQEMBU lomculo we-kwaito, ushakes nosingil, lethule umkhankaso obizwa ngeboyz to Men wokudodisa abafana.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa