Abaqothwa ngenhlamvu basola eyamatekisi
Muva nje kudutshulwe amalungu amabili omndeni phezu kwayisihlanu asebebulewe
USOLA umbango wamatekisi umndeni wakwankosi, kwaDabhasi, Kwanongoma okhala ngokuqothwa kwamalungu ngenhlamvu ngendlela engaqondakali.
Kubikwa ukuthi sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuhlaselwa ngezibhamu kwamalungu alo mndeni njengoba sebebalelwa ku-5 asebebulewe kusukela eminyakeni eyedlule. Namhlanje ngesonto kungcwatshwa amanye amalungu omndeni amabili adutshulwe ngoLwesibili.
Kubulawa laba ababili nje bakamuva, ngolwezi (November) wonyaka ophelile kubikwa ukuthi kuhlaselwe amalungu alo mndeni ephuma edolobheni - kuleso sigameko kwashona umenzi Nkosi kwathi ababili ayehamba nabo basinda ngokulambisa.
Ulinda “Ntshokovane” Nkosi, odutshulwe wabulawa ngolwesibili nenkosikazi yakhe unonkululeko, wayekhona ngesikhathi behlaselwa ngolwezi.
Ulandisa ILANGA Langesonto umndeni wakwankosi, uthe usola impi yamatekisi njengoba nawo usebhizinisi lawo, ngaphansi kweKwanongoma Taxi Association ehamba amabanga amade. Phakathi kwezindawo ezisetshenzwa yilo soseshini kubalwa igoli, empangeni, ethekwini nasempumalanga.
Utholamandla “Den” Nkosi (38) ongumfowabo kantshokovane, uthi abazi ukuthi kumele benze njani uma kunje.
“Sebephelile abantu bakithi ngesibhamu. Bese sizitshela ukuthi kuphelile ukubulalana embonini yamatekisi kodwa manje siyabona sekuqale phansi. Ngolwesibili (ngesonto eledlule) kufike ‘amaphoyisa’ lapha ekhaya athi athunyiwe, kukhona abawabikele ukuthi kukhona abantu ababhace lapha ekhaya baphethe izibhamu.
“Angene aqhumisa isibhamu, abantu babaleka bagcwala amahlathi - mina nabanye silaliswe phansi. Umfowethu untshokovane wabaleka waze waphuka, ushona nje unokhonkolo emlenzeni.
“Agcina engabophanga muntu ‘amaphoyisa’, asishiya nomlayezo othi ngeke kusabuya wona, sekuzobuya izinkabi. Ngempela ngolwesibili olulandelayo ebusuku sesilungela ukulala sizwe kuqhuma isibhamu izikhathi eziningi, uma siyobheka safika umfowethu nenkosikazi yakhe unonkululeko bedutshuliwe.
“Bobabili ngibafice besakhuluma, umfowethu bamehlise embhedeni bamlalisa phansi bamshaya ngezinhlamvu ezimbili esiphundu nenkosikazi bayishaya ngezimbili ekhanda. Unonkululeko ukwazile ukukhuluma kancane, uze wasitshela ukuthi umdubulile oyedwa.
“Sibaphuthumise esibhedlela, imizuzwana nje sifikile esibhedlela bangitshela ukuthi umfowethu useshonile. Izigebengu zibaleke nesibhamu sikamfowethu esisemthethweni. Siyacela kwiziphathimandla zamaphoyisa ukuba zisilekelele - umndeni wakithi usuphelile
yisibhamu,” esho.
Umndeni uthi into ewenza ubone ukuthi ukufa kwabantu kuhlobene nempi yamatekisi wukuthi kuke kwanokushayisana ngonyaka ophelile, kade kufike ilungu likasoseshini eliqavile liphethe iphepha elinohlu lwamagama abantu ebelifuna kufakwe izimoto zabo, zilayishe.
“Sakuxoxa lokho, ikomidi lakuchitha sazitshela ukuthi kudlulile kodwa manje ziyavela izinkomba zokuthi le nto yephepha ayidlulanga, isekhona phakathi kwethu,” esho.
Usihlalo kasoseshini umnu Mnumzane Zakwe utshele leli phephandaba ukuthi zikhona izinkinga kusoseshini.
“Kukhona abantu abadala abanezitifiketi zokusebenza kodwa abangakwazi ukusebenza ngenxa yezimo. Bese kuba khona abasebenzayo esingabazi baqhamukaphi ngoba abanazo ngisho izimvume zokusebenza.
“Ngolwesibili kunomhlangano obizwe yisantaco wokuzama ukuba kuqhanyukwe nesixazululo,” kusho umnu Zakwe.
Umnu Sibusiso Zwane ophethe ihhovisi lsantaco ezululand uwuqinisekisile lo mhlangano.
“Sizohlangana ngolwesibili. Ngifuna ukuzwa ukuthi kwenzenjani kusoseshini wakwanongoma njengoba kubulawa amalungu awo kangaka,” esho.
Okhulumela amaphoyisa, ucol Thembeka Mbhele akatholakalanga ukuphawula.