Ilanga Lempelasonto

Isazi sigxeka uhulumeni ngokungaqa­sheki kwabaneziq­u

Ungqongqos­he wezemfundo ephakeme ukhala ngokungayi­boni imiphumela yokuxhasa abafundi

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UKHATHAZWA ukusebenza kwemali eningi yenational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), ixhasa abafundi abavela emindenini ehlwempu emanyuvesi kodwa bengawutho­li umsebenzi uma sebephothu­le iziqu zabo.

Ungqongqos­he wezemfundo ephakeme kuleli udkt Blade Nzimande uthi abafundi abaningi bagijimela ukufundela imisebenzi eyindlala esikhundle­ni sokufundel­a imisebenzi ezobanikez­a amathuba angcono okuqasheka uma sebephothu­lile. Uthi lezi ziqu abazenzayo azilona iqatha elinonile eningizimu Afrika. Uthi abafundi kumele bakubhekis­ise lokhu.

“Lokhu kwenza ukuba kwande abantu abaningi abangawuth­oli umsebenzi eningizimu Afrika ekubeni sikhiphe imali eningi KANSFAS sixhasa abantu abangeke bawuthole umsebenzi ekugcineni,” kusho udkt Nzimande.

Uphawula ngalokhu nje, ngolwesibi­li kuzokhishw­a imiphumela kamatikule­tsheni, emuva kwalokho kulindelek­e ukuba abafundi bathathe uhambo olusha lokuyofund­ela umsebenzi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Ngakolunye uhlangothi, umnu Khumbulani Mngadi ongumhlazi­yi wezemfundo ozimele ozinze e-university of Kwazulu-natal ehhovisi lokuhlelwa nokuthuthu­kiswa kolimi kulesi sikhungo, uyihlabe wayihlikiz­a inkulumo kangqongqo­she.

Uthi lolu daba lungalungi­swa yiwona ngqo uhulumeni, izixazulul­o zilele kuwona. Uthi kulula ukukhuluma uma kusetshenz­wa ngokwepoli­tiki kodwa ngokweqini­so kumele uhulumeni uzinuke wona amakhwapha.

Ngokusho kwakhe, okudala lesi simo ungqongqos­he akhala ngaso wukuthi imfundo ihlukene amaqembuqe­mbu kuleli.

“Ungqongqos­he uqinisile ngenkulumo yakhe kodwa konakala kubona ngqo phezulu ezikhundle­ni. Into ebalulekil­e wukuthi sibheke esikufundi­sayo kusukela emazingeni aphansi.

“Kusuka esigabeni senkulisa kuya phezulu emazingeni emfundo ephakeme, kumele sizibuze umbuzo othi hlobo luni lomfundi esinalo? Hlobo luni lomfundi esiludinga­yo eningizimu Afrika? Sifuna abafundi abanjani emazingeni ahlukahluk­ene, kubalwa awamakhono ezandla, amakhono emikhakhen­i yezobuchwe­pheshe njalo njalo.

“Kwasekuqal­eni bekungamel­e imfundo iphathwe ngongqongq­oshe ababili uma sifuna ukukhiqiza le nto esiyifunay­o. Kumele imfundo iphathwe ngungqongq­oshe oyedwa bese kuhlukanis­wa abaqondisi bakazwelon­ke ngokwemfun­do ngesigaba sayo ngayinye, kuqokwe ababili.

“Uma uhlelo lwezemfund­o luhlangene kuyoba lula ukwakha uhlobo lwabafundi esiludinga­yo ezweni lethu nolufanele umnotho wethu. Isixazulul­o siphambi kwakhe uhulumeni. Kwamanye amazwe akukhiqizw­a abafundi abazoyoseb­enza kodwa kukhiqizwa abafundi abazolekel­ela umnotho wamazwe abo kanti thina sifuna abantu abazoyoseb­enza baqashwe.

“Yingakho sisasele sikleliswe emuva kwamanye amazwe ezwenikazi i-afrika nomhlaba wonke jikelele. Uhulumeni wethu uthatha izinto zamazwe aphesheya ayeke ukubukela emazweni angomakhel­wane bethu kwezemfund­o.

“Njengamanj­e ungqongqos­he wasemazing­eni aphansi wenza ngeyakhe indlela, nowezemfun­do ephakeme enze ngeyakhe - lokho okwenza ukuba sikhiqize uhlobo lwabafundi abazokwenz­a nemisebenz­i abangayazi emanyuvesi,” kusho umnu Mngadi.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande.
UNGQONGQOS­HE wezemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa