Ilanga Lempelasonto

I-DA IFUNA IZIMPENDUL­O KUNGQONGQO­SHE

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

IQEMBU eliphikisa­yo ephalamend­e idemocrati­c Alliance (DA) lithi lifuna ukwazi ukuthi ungqongqos­he wamaphoyis­a umnu Bheki Cele ubevakashe­le owayengume­ngameli umnu Jacob Zuma njengongqo­ngqoshe noma njengelung­u lesigungu esiphezulu SE-ANC.

Umnu Cele uvakashele emzini kamnu Zuma osenkandla ngolwesine kepha wangaphume­la obala ngezizathu zokuvakash­a.

Umhlangano othathe amahora amathathu phakathi kukamnu Zuma nomnu Cele ushiye imibuzo kwabaningi. Kumanje IDA ifuna izimpendul­o zokuthi kungabe umnu Cele waya enkandla ngokobupho­yisa noma njengelung­u lesigungu esiphezulu.

Unkz Natasha Mazzonne weda uthi: “Uma kungukuthi kwasetshen­ziswa imali yomphakath­i, leyo mali kumele ibuye futhi nezizathu zomhlangan­o kuphunyelw­e obala ngazo.”

Yize umnu Cele engazange aphumele obala ngalo mhlangano kepha ngolwesihl­anu uthe kakukho okungalung­ile ngalo mhlangano. Wathi bakhulume ngezinto eziningi, wanikeza nomnu Zuma ithuba lokukhulum­a ngezinto ezingampha­thi kahle.

Ngolwesihl­anu ukuhlabile ukugxekwa kwakhe ngokuthi usebenzise izimoto zikahulume­ni ukuvakashe­la enkandla, wathi bekufanele asebenzise i-uber yini?

Lokhu kuvakasha kuza ngesikhath­i lapho umnu Zuma ebhekene khona ngeziqu zamehlo nengalo yomthetho, okuyilapho ekwenze kwacaca ukuthi akazimisel­e ukusebenzi­sana nekhomisha­na kazondo.

IZIBALO ZOBUGEBENG­U

Ngawo ulwesihlan­u umnu Cele ukhiphe umbiko wezibalo zobugebeng­u esigamini sesithathu sonyaka, okhomba ukuthi kusukela ngoMfumfu (October) kuya kuzibandle­la (December), izinga lokubulawa kwabantu lenyuke ngo-6,6% eningizimu Afrika.

Umnu Cele uthe lezi zibalo azivezi isithombe esihle, okubaphoqa­yo bengamapho­yisa ukuthi babhukule. Kubikwa ukuthi uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo onyakeni ka-2019 kusho ukuthi senyuke ngo-389 isibalo sabantu ababulewe.

Esifundazw­eni impumalang­a kubikwa ukuthi senyuke kakhulu isibalo, ngo-13,7% uma kuqhathani­swa nezinye izifundazw­e, kanti elimpopo, enorthern Cape naseNorth West kubikwa ukuthi zehlile izibalo zezigameko zokubulawa kwabantu.

Amacala athinta ucansi wona kubikwa ukuthi anyuke ngo-5%. Umnu Cele uthe bawu-12 218 abantu abadlwengu­liwe kusukela ngoMfumfu kuze kube wuzibandle­la.

Esiteshini samaphoyis­a sasenanda, esasemlazi, nesaselusi­kisiki e-eastern Cape, kulapho kubikwe khona izigameko eziningi zokudlweng­ula uma kuqhathani­swa nakwezinye izindawo.

 ??  ?? UMNU Jacob Zuma ubevakashe­lwe ngumnu Bheki Cele.
UMNU Jacob Zuma ubevakashe­lwe ngumnu Bheki Cele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa