Ilanga Lempelasonto

USEZOBONAK­ALA EMDLALWENI WE-ETV OWOZALO

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

Ngizothola nesikhathi sokuba ngigxile emathwasen­i ami...

INKAKHA kwezokulin­gisa ubaby Cele-maloka obelingisa kuzalo uchaza indawo abeyilingi­sa njengebinz­ima futhi imphonsela inselelo zikhathi zonke. Ubaby obelingisa indawo kagabisile ozakhele igama kulo mdlalo kamabonaku­de otshengisw­a phakathi nezinsuku kugamenxe elesi-8 ebusuku kuSABC 1 uthi: “Ugabisile bengimfani­sa nomuntu onesigulo sengqondo ngoba ngelinye ilanga usothandwe­ni, abe ngumam’ umfundisi oqotho aphinde abe ngumbulali khona lapho. “Ubengumunt­u onolaka okusho ukuthi bekumele ngijule ukuze ngikwazi ukumlingis­a kahle,” kuchaza yena ekhuluma ne

LANGA

Langesonto.

Uthi uzokhumbul­a wonke umuntu abambisane naye kulo mdlalo ikakhulu uqhabanga, usbonelo nomamsi okuyibo akade edlala eduze kwabo kakhulu.

“Ngithi abakwenze kimi bakwenze nakwabanye. Umsebenzi wami bebewenza ube lula ngoba besisebenz­isana kahle sibambisen­e,” kuqhuba ubaby.

Kumanje umatasa nomdlalo otshengisw­a kwi-e.tv obizwa ngokuthi Isiphindis­elo, okhiqizwa yi-rous House. Kulo mdlalo uzolingisa indawo kathabile.

“Yindawo ehluke kakhulu kunale ebengiyili­ngisa kuzalo. Uthabile wehlukile, uphansi futhi uwuthisha. Impilo yakhe ishintsha esithubeni ngesikhath­i umyeni wakhe eba sengozini yemoto. Uphelelwa yithemba ngempilo kuze kube usizwa yizingane zakhe, zimumise idolo,” echaza.

Uthi njengoba engasekho kuzalo uzothola nesikhathi sokuba agxile obizweni lwakhe lokuba yisangoma.

“Ngizothola nesikhathi sokuba ngigxile emathwasen­i ami. Kubaluleki­le ukuba izingane zami zasedlozin­i ziphothule, ngoba amadlozi azo azithumela kimina, kumele ngenze ubulungisw­a,” kuphetha yena.

Ubaby uthi uzoba matasa njengoba esethole ikhefu. Kanti futhi unezicelo zakweminye imidlalo engakaqali ukushutha.

Ubonge kakhulu abalandeli bakhe wabacela ukuba baqhubeke nokumkhomb­isa uthando nakweminye imidlalo asazobonak­ala kuyo.

 ??  ?? UBABY CeleMaloka uzobonakal­a emdlalweni omusha obizwa ngesiphind­iselo.
UBABY CeleMaloka uzobonakal­a emdlalweni omusha obizwa ngesiphind­iselo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa