Ilanga Lempelasonto

UKUSEBENZA NABAKWASPA­R

-

Ekhuluma NELANGA Langesonto uthobza uveze ukuthi leli thuba lisho lukhulu kuyena, ikakhuluka­zi njengoba ibhizinisi lakhe lesitolo sokudlela like laphazamis­eka ngenxa yokubhebhe­theka kwecovid-19.

“Ngesikhath­i kubhoke icovid, iningi labantu belicela ukuba sililethel­e emakhaya ukudla elikutheng­ile.

"Uma befikile bebethenga bahambe, ngakho sibone kungcono ukuba senze imizamo yokuxhuman­a nezitolo ezinkulu ezifana nospar, ukuze sikwazi ukwakha ubudlelwan­o nabo ngokuthi bathengise ukudla kwethu,” kusho le ntokazi iveza nokuthi kuthathe cishe amasonto amabili ukuze ikwazi ukuba ukudla kwayo kuphasiswe, kuvumeleke ukuthengis­wa kwaspar. “Okwamanje besisavuny­elwe kuspar oseglencor­e Centre, eglen Ashley, edurban

North, kanti sizimisele ukungena nakwabanye ospar maduze,” kusho uthobile ozalelwe wakhulela efannin, eclermont entshonala­nga yetheku.

Uveze ukuthi okwenze kwashesha kwaba lula ukuba ukudla kwakhe kuphasiswe ukungena kulesi sitolo esikhulu, wukuthi uyayilande­la yonke imigomo ebekiwe futhi nezitifike­zi ezihambisa­na nezempilo nokuphepha, zikhona futhi zisemtheth­weni.

Uthobile uthe uthando lokupheka walufakwa nguninalum­e okunguyena owamfundis­a okuningi ngokupheka.

Uthi nakuba akuthanda esakhula ukupheka kodwa akasheshan­ga wagxila kukhona njengoba wathi eqeda ukwenza umatikulet­sheni, wenza izifundo ze-accounting angaziphot­hula

nga.

“Ngashesha ngabona ukuthi akuyona into engizimise­le ukuyenza le. Ngenxa yokuthi ngangingak­aqondi kahle ukuthi ngifuna ukwenzani, ngazithola sengimodel­a okuyilapho ngangena khona kwitouch Africa,” kusho yena.

Uthi nakuba ebenza lokhu kodwa ukupheka bekulokhu kukhona kuyena njengoba ebevamise ukumema abangani bakhe abaphekele.

Uthobile kwesinye isikhathi uthi (abangani) bebemcela ukuba ayopheka angababizi imali labo abamcelile, kodwa bamnike lokhu abamnika khona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa