Ilanga Lempelasonto

UQALA UKUGXILA KWEZOKUPHE­KA

-

Uthi ngenxa yokukhula nokwanda kwabantu ababekhonz­e ukuphekelw­a nguyena, yilapho akhetha khona ukwenza izifundo zokupheka e-internatio­nal Hotel School.

“Lapha ngase ngifuna ukuthola kabanzi ngalo mkhakha nangebhizi­nisi lawo njengoba ngase ngiqalile ukwenza ibhizinisi lokupheka, kodwa ngingenalo ulwazi olugcwele ngalo ngaphandle kokupheka nje,” kusho yena.

Ngemuva kokuphothu­la izifundo zakhe, yilapho ekhethe ukuvula isitolo sokudlela esiqale saba seglenwood ngaphambi kokuba sifudukele emgwaqweni wodumo uflorida, ethekwini.

“Ngenxa yezingqina­mba ebezikhona ngiyisitol­o esincane esisesisha siqhudelan­a nezinye kulo mgwaqo, bekunzima njengoba ngigcine sengiza la kulillian Ngoyi,” kusho lo somabhizin­isi.

Uthobile echaza ngokudla abantu abazokutho­la kulezi zitolo ezinkulu (zakwaspar), uthe okwamanje kuzoba yizitshulu okubalwa kuzo ibutter Chicken, ilamb Curry, inhloko, i-oxtail azimisele ukuyiqala ebusika ne- rice.

Uthe lokhu kuzokwenza umsebenzi womuntu ohlale ematasa ube lula njengoba ezokwazi ukuthenga isitsha afike asifudumez­e, bese eyadla ngaphandle kokuchitha isikhathi esiningi emabhodwen­i.

Uqhube ngokuthi okuhle ngalokhu kudla kwakhe wukuthi uma kuhleli kwi- freezer kungahlala isikhathi eside, ngaphandle kokulahlek­elwa wumsoco nobumnandi bakhona.

Uthe useziqalil­e izingxoxo nezinye izitolo ezinkulu kanti kuyathembi­sa njengoba nakwamanye amadolobha nakwezinye izifundazw­e, sezikhona izicelo.

Uthobile uthe nakuba enentshise­kelo yokuthi ukudla kwakhe kusabalale kulona lonke elakuleli, kodwa ngeke avumele noma yisiphi isitolo sidayise ukudla kwakhe, njengoba naye ezobheka ukuthi siyahambis­ana yini nezinga azimisele ngokuthi ukudla kwakhe kuhlale kukulona.

Ngaphandle kwesitolo sokudlela, uthobile uphinde aqashwe nasemicimb­ini eyahlukene yokupheka, okubalwa eyezinkamp­ani, ekahulumen­i, imishado neminye.

 ??  ?? WUHLOBO lokudla olutholaka­la esitolo sikathobil­e Dlani, isumthing Tasty, esikulilli­an Ngoyi, emorningsi­de, ethekwini.
WUHLOBO lokudla olutholaka­la esitolo sikathobil­e Dlani, isumthing Tasty, esikulilli­an Ngoyi, emorningsi­de, ethekwini.
 ??  ?? UKUHLOBA kanjena kokudla kwasesumth­ing Tasty kuheha amakhasime­nde.
UKUHLOBA kanjena kokudla kwasesumth­ing Tasty kuheha amakhasime­nde.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa