Ilanga Lempelasonto

Ucacisa eyokushiya ihostela

- JOHN HLONGWA

CACISA ngokuphuma kwakhe emdlalweni ihostela umjostana “Pastor Mjosty” Mbhele (45), oveza nokuthi lo muntu obonakale ebulawa elingisa indawo ka-2litre bekungasey­ena, njengoba abaningi becabanga ukuthi bekunguye kwazise nguye obeyilingi­sa.

Kuleli sonto emdlalweni kamabonaku­de ihostela season 2, osakazwa esiteshini sikamabona­kude esikhokhel­wayo imzansi Magic, channel 161, ngesonto kusihlwa, kumangale abaningi kubulawa u-2 Litre, okuyindawo ebilingisw­a nguMjosty.

U-2litre ubulawe ngumasikha­khane ogama lakhe langempela ngu-andy Mnguni, emshaya ngesitini. Ukufa kuka 2Litre kalula kanje, kumangaze abanye bababukeli balo mdlalo, abanye bekhononda ezinkundle­ni zokuxhuman­a bethi ngeke u-2litre abulawe yisitini esisodwa nje.

ILANGA Langesonto libe selixhuman­a nomjosty ukuzwa kabanzi ngokufa kwakhe emdlalweni.

Elandisa leli phephandab­a uthe: “Impela sengiwushi­yile lo mdlalo. Empeleni abantu babone manje kodwa mina ngagcina ukuqopha ngolwezi (November). Akukho ukuxabana okuphakath­i kwami neblack Brain.

“Ngithole amadlelo aluhlaza ebengingek­e ngiwayeke. I-hostela umdlalo omkhulu impela kodwa akuwona owami, unabanikaz­i bawo. Lokhu engiyokwen­za ngokwami. Ngithole ithuba lokuba ngiqophe umdlalo wamahlaya ozokhonjis­wa kumabonaku­de kanye ngesonto ebusuku.

“Okuningi okuthinta wona ngeke nginabe ngakho ngoba abanikazi bawo bathe bacela ukuthi kube yibona abakhipha imininingw­ane uma sebebize isithangam­i sabezindab­a.

“Njengoba kunokudide­ka kubantu yindlela engiphume ngayo, inkinga idalwe yibona abeblack Brain. Bengibatsh­ela ukuba sishuthe iziqephu zokuthi ngiphume bona bathatha kancane ngaze ngaba matasa. Bagcine sebethatha omumye umuntu bemenza mina, bamgqokisa izingubo zami bambulala.

“Ngicabanga ukuthi iyona into edale abantu bahlokoma ezinkundle­ni zokuxhuman­a.”

Uveze ukuthi lo mdlalo wamahlaya amatasa ngawo uzobe udlalwa ngolimi lwesizulu esiphelele. Yimina umdidiyeli omkhulu futhi uqoshwa inkampani yami ISMM Project.

Uroby Corwie ongumphath­i omkhulu enkampanin­i iblack Brain (Production Manager) ucele ukuba abuye afonelwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa