UBHEKENE NENKINGA "OWAGONISWA INGANE" UNINA WASHAYA WACHITHA
vocalist single
ZIMI namajoka kowesilisa waseMgungundlovu owagoniswa ingane ngowesifazane okuthiwa uzalwa elesotho ababehlekisana naye eminyakeni emihlanu edlule, washaya wachitha wabuyela kwelakubo - kumanje lo wesilisa ubhekene nenkinga yokufaka esikoleni le ngane esineminyaka engu-8, njengoba engenayo imininigwane kanina.
Umnu Mxolisi Mayaba (31) wasesnathing, utshele ILANGA Lange-sonto ngokukhathazeka anakho ngenxa yale nkinga.
Uthi bahlangana nonina wengane yakhe ambize ngegama, eswapo, emgungundlovu, bathandana baze bathola ingane yomfana.
Uthe ngenxa yokuthi babebamba amatoho nonina wengane, banquma ukuyihambisa empendle iyogadwa ngugogo wayo (ozala uyise) ukuze baqhubeke nomsebenzi.
“Kuhambe isikhathi sahlukana no... (unina wengane), ingane ilokhu isekhaya igadwe ngumama. Ngezwa kuthiwa usahamba lapho ayehlala khona wabuyela kwelakubo elesotho.
“Wayethe ufisa ingane ibhaliswe ngobuzwe baselesotho ngesikhathi sisezwana, ngashiyela kuyena njengesicelo sakhe. Manje nginenkinga ngoba ingane seyikhulile, kumele iqale esikoleni kodwa kayikwazi ukungena ngoba kudingeka unina engingazi ukuthi ngizophuma ngimbheke kuziphi izinkalo.
“Uma ngiya emahhovisi omnyango wokuthuthukiswa komphakathi asempendle, bafuna ngithole incwadi efungelwe kunina wengane eqinisekisa ukuthi ngempela uyangivumela ngibhalise ingane esibongweni sami,” uchaze kanje.
Okhulumela umnyango wokuThuthukiswa komphakathi Kwa
Zulu-natal umnu Mhlaba Memela uthe umnu Mayaba kumele axhumane namahhovisi omnyango wabo asempendle lapho kuhlala khona ingane, achazele osonhlalakahle ngesimo sengane.
“Osonhlalakahle bazobe sebeqoqa bonke ubufakazi obuzodingeka emnyangweni wezasekhaya ngoba kumele kuqalwe phansi kwenziwe isitifiketi sokuzalwa kwengane ukuze agcine esizakele.
“Akubi wuhlelo olulula kodwa uma zonke izinto ezidingwa wuMnyango wezasekhaya kosonhlalakahle zikhona, kuba lula nakuwona ukusebenza ngokushesha,” ubeke kanje.
Umnu Xolani Maphumulo woMnyango wezasekhaya KwazuluNatal, uthe kumele umnu Mayaba aye emahhovisi omnyango wabo ukuze bamenzele incwadi ezomdlulisela esibhedlela i-addington ukuze kwenziwe ulibofuzo.
“Umthetho wezitifiketi zokuzalwa uthi uma unina wengane kungesiyena owaseningizimu Afrika uyise kungowalapha, kumele enze ulibofuzo ukuze ingane ibhaliswe, ithole nobuzwe baseningizimu Afrika,” usho kanje.