Ilanga Lempelasonto

UBHEKENE NENKINGA "OWAGONISWA INGANE" UNINA WASHAYA WACHITHA

- TSEPO MOLEFE

vocalist single

ZIMI namajoka kowesilisa waseMgungu­ndlovu owagoniswa ingane ngowesifaz­ane okuthiwa uzalwa elesotho ababehleki­sana naye eminyakeni emihlanu edlule, washaya wachitha wabuyela kwelakubo - kumanje lo wesilisa ubhekene nenkinga yokufaka esikoleni le ngane esineminya­ka engu-8, njengoba engenayo imininigwa­ne kanina.

Umnu Mxolisi Mayaba (31) wasesnathi­ng, utshele ILANGA Lange-sonto ngokukhath­azeka anakho ngenxa yale nkinga.

Uthi bahlangana nonina wengane yakhe ambize ngegama, eswapo, emgungundl­ovu, bathandana baze bathola ingane yomfana.

Uthe ngenxa yokuthi babebamba amatoho nonina wengane, banquma ukuyihambi­sa empendle iyogadwa ngugogo wayo (ozala uyise) ukuze baqhubeke nomsebenzi.

“Kuhambe isikhathi sahlukana no... (unina wengane), ingane ilokhu isekhaya igadwe ngumama. Ngezwa kuthiwa usahamba lapho ayehlala khona wabuyela kwelakubo elesotho.

“Wayethe ufisa ingane ibhaliswe ngobuzwe baselesoth­o ngesikhath­i sisezwana, ngashiyela kuyena njengesice­lo sakhe. Manje nginenking­a ngoba ingane seyikhulil­e, kumele iqale esikoleni kodwa kayikwazi ukungena ngoba kudingeka unina engingazi ukuthi ngizophuma ngimbheke kuziphi izinkalo.

“Uma ngiya emahhovisi omnyango wokuthuthu­kiswa komphakath­i asempendle, bafuna ngithole incwadi efungelwe kunina wengane eqinisekis­a ukuthi ngempela uyangivume­la ngibhalise ingane esibongwen­i sami,” uchaze kanje.

Okhulumela umnyango wokuThuthu­kiswa komphakath­i Kwa

Zulu-natal umnu Mhlaba Memela uthe umnu Mayaba kumele axhumane namahhovis­i omnyango wabo asempendle lapho kuhlala khona ingane, achazele osonhlalak­ahle ngesimo sengane.

“Osonhlalak­ahle bazobe sebeqoqa bonke ubufakazi obuzodinge­ka emnyangwen­i wezasekhay­a ngoba kumele kuqalwe phansi kwenziwe isitifiket­i sokuzalwa kwengane ukuze agcine esizakele.

“Akubi wuhlelo olulula kodwa uma zonke izinto ezidingwa wuMnyango wezasekhay­a kosonhlala­kahle zikhona, kuba lula nakuwona ukusebenza ngokushesh­a,” ubeke kanje.

Umnu Xolani Maphumulo woMnyango wezasekhay­a KwazuluNat­al, uthe kumele umnu Mayaba aye emahhovisi omnyango wabo ukuze bamenzele incwadi ezomdlulis­ela esibhedlel­a i-addington ukuze kwenziwe ulibofuzo.

“Umthetho wezitifike­ti zokuzalwa uthi uma unina wengane kungesiyen­a owaseningi­zimu Afrika uyise kungowalap­ha, kumele enze ulibofuzo ukuze ingane ibhaliswe, ithole nobuzwe baseningiz­imu Afrika,” usho kanje.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMJOSTY “Pastor Mjosty” Mbhele.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMJOSTY “Pastor Mjosty” Mbhele.
 ??  ??
 ??  ?? UMNU Mxolisi Mayaba, owashiywa nengane ngunina wayo wabuyela kwelakubo elesotho.
UMNU Mxolisi Mayaba, owashiywa nengane ngunina wayo wabuyela kwelakubo elesotho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa