Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UKUTHANDA kwakho ezokungceb­eleka kumele ukuqaphele ukuthi akukulimaz­i yini kwezomnoth­o. Kuzodingek­a ukhohlwe yimicabang­o nezehlo ezimbi esezadlula, ugxile ezintweni ezikusa phambili. Qikelela ukuthi wenza izinto ngendlela ehlelekile empilweni yakho.

ARIES

UZOTHOLA abantu abazokugqu­gquzela baphinde bavuselele amathemba empilweni yakho. Izinselelo obhekana nazo ubuye ubone ukuthi zidalwa ngamaphuth­a owenze phambilini. Ukusebenzi­sana kwakho nabantu kuzokwenza

TAURUS (April 20-May 20)

USENOKUDID­EKA ukuthi yimaphi amasu okumele uwasebenzi­se ukuze uzogcina umaqondana wakho enamathele kuwena. Amakhono nolwazi kumele ukucije ukuze kuzokuvule­la amathuba afanele.

GEMINI (May 21-June 20)

ZAMA ukuchushis­a abantu abajwayele ukubalisa ukuthi basebenzis­e abanakho ukuze bezothola abangenakh­o. Unenkolelo yokuthi impumelelo iza emva kwezithuku­thuku. Amandla akho omqondo wavivise ezinhlelwe­ni ezimqoka.

CANCER

UKUZETHEMB­A kuzokwenza wenze kangcono ezindimeni ezahlukene. Ukushesha kwakho ukugculise­ka ngalokho okuncane okuthole empilweni kungakunci­sha ithuba lokuba udlulele kokuthe xaxa. Ungaziqhat­hanisa nabanye.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

KUNGENZEKA abanye bamangale uma bekubona uqhela kubona, kanti wena unezizathu ezisemqoka. Zama noma yini entsha empilweni uma ubona ukuthi izoguqula impilo yakho. Uyakwazi ukubekezel­ela izimo ezinzima kakhulu

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UNGAKUNGAB­AZI ukuthi impumelelo isezandlen­i zakho uma unyakaza. Kuzodingek­a uthathe isinqumo esibalulek­ile kakhulu ngempilo yakho. Ezintweni eziningi ozihlelayo kumele uqaphele ukuthi awusaphazi okuncane onakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUYADINGEK­A ukuzehlisa uma kukhona ofisa ukukuthola. Khumbula ukuthi ukubekezel­a nokuxolela kuyisiseke­lo sothando. Kuzodingek­a uqiniseke ukuthi izinqumo ozithathay­o ziyavumela­na kakhulu nonembeza wakho.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

YISIKHATHI sokuba uhlele ndawonye nomndeni wakho isikhathi senjabulo. Uma unomzimba ophapheme nakanjani nengqondo yakho izophapham­a. Isidingo sokukhatha­zeka ngekusasa asikho nakancane. Uzomangala ukubona abantu abaningi bexhumana nawe.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KUMELE uzihlangan­ise nezinto ezenziwa ngabanye. Qaphela noma yini oyidlayo ukuthi ayidali umonakalo emzimbeni wakho. Yenza noma yini ezogcina umaqondana wakho ethokozile ngawe. Kunamaphup­ho amakhulu ofisa ukuba afezeke ngalo nyaka empilweni yakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

NOMA yini ezokwenzek­a empilweni yakho yihlaziye. Kungenzeka umaqondana omdala afise ukusondela kuwena. Khumbula ukuthi ayikho into eyenzeka kungenasid­ingo. Izinkanyez­i zakho zizokunika ithuba lokufunda okusha.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

USIZO ungaluthol­a lapho obungabaca­bangi ukuthi ungaluthol­a khona. Kuzodingek­a uqinise endleleni yokuzithut­hukisa futhi unyakaze ngawo wonke amandla onawo ukuze uzokwazi ukuphumele­la ezifisweni zakho.

PISCES (Feb 19-March 20)

KUZODINGEK­A uhlale emzabalazw­eni wakho ungajiki kuwona. Ulwazi lungamandl­a kakhulu kuwena ngakho kuzodingek­a uhlale uhlomile ngalo. Noma zingaba khona izinselelo obhekana nazo, kodwa ngeke zibe namandla okukuqumba phansi.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LESI simomondiy­a nguzizo Vukaphi (24) waselusiki­siki, e-unity Park. Uzizo ubevakashe­le ethekwini, wathi ngeke angaveli kule ngosi ayithanda kakhulu. Uthi uyazifela ngokumodel­a. Njengamanj­e wenza iziqu zobuthishe­la e-unisa. Iphupho lakhe wukuzibona esebenza nodavid Tlale ongumsiki wengqephu odumile.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LESI simomondiy­a nguzizo Vukaphi (24) waselusiki­siki, e-unity Park. Uzizo ubevakashe­le ethekwini, wathi ngeke angaveli kule ngosi ayithanda kakhulu. Uthi uyazifela ngokumodel­a. Njengamanj­e wenza iziqu zobuthishe­la e-unisa. Iphupho lakhe wukuzibona esebenza nodavid Tlale ongumsiki wengqephu odumile.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa