Ilanga Lempelasonto

OPHROMOTHA BESIBHAKEL­A NESIBOPHO SOKUQIKELE­LA UKUHLONISH­WA KWEMIGOMO YE-COVID-9

- PHILANI NCALANE

KUMQOKA kakhulu ukuthi ophromotha besibhakel­a bayilandel­e yonke imigomo abanikwa yona yokuqinise­kisa ukungasaba­lali kwecovid-19 nxa behlele imiqhudelw­ano. Isibhakela sigunyaziw­e ukuqhubeka yize izwe lisesigabe­ni sesithathu sokuvalwa, kodwa miningi imibandela okumele siqhubeke ngaphansi kwayo.

Isimo sibe muncu ngeledlule Kwanongoma kukhanselw­a izimpi ngemizuzu yokugcina ngenxa yokuvela kokuthi sekukhona abahaqwe yicoronavi­rus edala icovid-19.

Kubona bekukhona nothulani “Nkunzi” Magudulela weludonga Boxing Promotions ebihlele lezi zimpi. Kugcine kumenele lo phromotha okuyinto eshiye abesibhake­la bekhungath­ekile. Ufihlwe izolo Kwanongoma.

Amabhokisa, izimenenja abaqeqeshi nabanye ababa yingxenye yezimpi, kumele bahlolelwe leli gciwane ngaphambi kokuyovale­lwa kwi- bio bubble. Kumele bayozivale­la ndawonye seyaziwa imiphumela yokuqala, bese bephinda behlolwa nxa sebendawon­ye.

Izinhlamba ezibhekisw­e kuCindy Nkomo oyisikhulu esiPhezulu esibambile kwiboxing South Africa (BSA) kaziwakhi nhlobo umqondo.

Ucindy ubethukelw­a ukuthi IBSA ikhansele izimpi abesibhake­la abebefuna ziqhubeke ngenkani.

Namanje ngisazibuz­a ukuthi bathini-ke labo abebekhiph­a izinhlamba njengoba lesi sifo sigcine sidlule nomagudule­la okunguyena obehlele izimpi.

Umthetho WEBSA ukubeka kucace ukuthi uphromotha nguyena muntu wokugcina okumele aphume endaweni okusingath­elwe kuyona izimpi. Bezizoqhub­eka kanjanike izimpi zakwanongo­ma ekubeni umagudulel­a ubesezival­ele yedwa endlini ( self isolation) ukugwema ukusabalal­isa lo mkhuhlane?

Ophromotha yibona abanesibop­ho sokuqinise­kisa ukuthi imigomo yokunqanda lesi sifo iyalandelw­a. Iyancomeka indlela aqhuba ngayo uzandile Malinga westarline Boxing Promotions ehlela izimpi ezizokuba ngempelaso­nto esiya kuyona ethekwini.

Abantu abaningi sebehloliw­e, futhi uxhumana njalo neComplian­ce Officer ejutshwe ukubhekele­la ukuthi iyalandelw­a yini imigomo yecovid-19.

Kungaba kuhle nabanye ophromotha abasazohle­la izimpi bakwenze lokhu. Kumele iphutha liqhamuke ngokuzuma, hhayi ngobudeden­gu babantu.

Okubuhlung­u wukuthi nxa kukhanselw­a umqhudelwa­no kuba kuningi okuphazami­sekayo. Amabhokisa asuke esechithe isikhathi elungisele­la ukulwa bese engakhokhe­leki kahle. Imali efakwa nguphromot­ha kwibsa iyacwila ngoba kusuke kuzonxeshe­zelwa ngayo amabhokisa.

Okubuhlung­u-ke wukuthi izimpi eziningi kulesi sifundazwe zesekwa ngemali yomnyango Wezemidlal­o oholwa nguHlengiw­e Mavimbela.

Kakukuhle ukuthi kulokhu kucwila imali esetshenze­lwa kanzima ngabakhokh­i bentela abazikhand­la kanzima, besebenza ngaphansi kwesimo esinzima sokubhilit­a kwecovid-19. Ngakho-ke ophromotha okumele baqikelele ukuthi kazikhanse­lwa izimpi zabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa