THOLA UMAQONDANA
NGINGOWESILISA oneminyaka ewu-40 ubudala, kangiphuzi futhi kangibhemi, ngiyabukeka.
Ngisejele kodwa sengizophuma. Ngifuna umuntu engizoqala naye impilo kodwa angangithathisi okwesiboshwa ngoba sengikhulile futhi ngifundile nasemaphutheni ami.
Iminyaka makube ngophakathi kuka-25 no-45. Ngitholakala kwethi: 072 741 0934.
NGINGOWESILISA
oneminyaka ewu-35 ubudala, ngisethekwini ngokuhlala.
Ngingathanda ukuxhunyaniswa nomunye wesilisa okule mpilo yokuthandana nobulili obufanayo.
Makube ngosezimisele ngokuba yindoda kimina, ngingajabula ukuthola ozoba nesikhathi nami.
Ngitholakala enombolweni ethi 060 804 7290 noma kuwhatsapp ku: 084 941 1958.
NGIYINTOKAZI
esikhulile, eneminyaka ewu-46 ubudala, ngidinga ubhuti ozaziyo ufunani empilweni.
Mabaxole abasemajele nalabo abadlalayo. Ngitholakala kwethi: 067 439 6856 noma 074 382 8334.
NGIYINSIZWA
enezingane ezimbili, ngicela ukufuniswa intokazi ezimisele ngothando lweqiniso, esizokwazi ukuthi sibonane, makube ngeneminyaka ewu-35 kuya ku-46.
Ngitholakala kuwhatsapp: enombolweni ethi 078 374 1254.
NGINGOWESIFAZANE
ofuna ubaba onesizungu njengami. Makabe phakathi kuka-60-65.
Kube ngumuntu ozaziyo ukuthi usekhulile. Ophuzayo ngiyaxolisa, makabe nendlela yokuzondla, futhi abe neqiniso.
Inombolo engitholakala kuyona ithi: 065 953 7042.
NGINGOWESIFAZANE
oneminyaka ewu-48, ngicela ubhuti oneminyaka ewu-49 noma-50, osebenzayo, okholwayo ongaphuzi futhi ongabhemi.
Osejele makakhohlwe bandla. Makube ngohlala ethekwini. Ngitholakala ku- 078 795 7933.
NGINGOWESILISA
ocela ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka ewu-35 kuya phezulu, mina ngina-46.
Makube ngodinga uthando lweqiniso nomendo, ngiyaxolisa kakhulu kwabadlalayo. Mina sengikhulile, kanginaso isikhathi sokudlala ngothando.
Ngitholakala ku-067 795 2280.
NGINGOWESILISA
oneminyaka ewu-40 ubudala futhi kangiphuzi kangibhemi, ngiyabukeka.
Ngifisa ukuthola owesifazane onewu-25 kuya ku-45, naye ongaphuzi futhi ongabhemi, okwaziyo ukubekezela ngisho izimo zinzima, futhi ofisa ukuba nomyeni. Ngitholakala enombolweni ethi: 073 499 9432.
* Bonke abomele uthando bamukelekile ukuba basibhalele noma bathumele iwhatsapp ku-0632974277.
Kungathunyelwa nasekhelini elithi: P.O. Box 2159, Durban 4000.
Qaphela: Kuphoqelekile ukubawonke umuntu obhalela le ngosi afake nekhophi kamazisi enesigxivizo sasemaphoyiseni noma eposini (certified). Ngeke zishicilelwe izincwadi ezingenayo ikhophi kamazisi egxiviziwe.