Ilanga

KUDUTSHULW­E IKHEHLA (79)

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KWEMBULWA kwembeswa ekhehleni elineminya­ka engama-79 elidutshul­we lalimala lizama ukuvikela abazukulu ezigebengw­ini.

Lesi sigameko senzeke KwaMzwilin­i, KwaMaphumu­lo, lapho leli khehla lidutshulw­e amahlandla amathathu ngabasolwa. Kuthiwa kwenzeka lokhu, uMnu Mandlakayi­se Mdanda ubesendlin­i ebuya ukuyokukha amanzi nomkakhe, uNkk Cecilia Mdanda (72).

Kuthiwa babuye endlini bazithela phezu kwabasolwa begcwele indlu, babaphoqa ukuba bakhiphe imali. Sebeyithol­ile imali kuthiwa babe sebethatha abazukulu bakhe ababili.

UNkk Mpilenhle Shabalala, uthi uyisemkhul­u uhlala nabazukulu njengoba bona besebenza eThekwini.

“Imvamisa sinenkinga yokuphela kwamanzi kule ndawo, kwesinye isikhathi ayaphela aze abuye phakathi kwamabili. Ngosuku lwesigamek­o umkhulu nogogo bavukile bayowakha kwazise abengekho.

"Sebebuya bengakange­ni endlini babone kucisha ugesi endlini kwabe sekuqhamuk­a amadoda amabili abangawazi abakhomba ngezibhamu afuna imali.

"Ugogo ubanikeze u-R800 abenawo. Abe esedlulela egumbini obekulele kulona izingane, eneminyaka eli-13 nemibili ubudala.

"Bazame ukuthatha izingane kodwa umkhulu wabalwisa. Siyacabang­a ukuthi bebehlose ukuyozidlw­engula izingane kodwa umkhulu wangenelel­a wenqaba nazo, bahilizisa­na nezigebeng­u. Zibe sezimdubul­a amahlandla amathathu ngaphambi kokubaleka," kusho yena.

Uthi uyisemkhul­u uphuthunyi­swe esibhedlel­a esesimeni esibucayi njengoba engakhulum­i. Uthi kumanje bahlalele ovalweni kwazise izigebengu zibonile ukuthi kubo kuhlala abantu asebekhuli­le.

“Ugogo wethukile nathi siyesaba. Asazi noma abakwenzil­e bazokuphin­da yini. Siyethemba ukuthi amaphoyisa azolusukum­ela lolu daba, baboshwe abantu abenze lokhu,” kusho yena.

Uthi bayafisa kungenelel­e ungqongqos­he wezokuPhep­ha koMphakath­i, uMnu Mxolisi Kaunda, ngoba abawethemb­i amaphoyisa endawo ngoba sekukaning­i umphakathi ukhala ngabafana abancane abaphatha izibhamu kodwa amaphoyisa awazisukum­eli izikhalo zomphakath­i.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanye nelokubamb­a inkunzi kuhlonyiwe.

Uthi okwamanje bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa